KUHLUKENE imibono kwizazi zepolitiki emuva kokuthi lowo owayengumengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, ememezele ukuthi ngeke ayivotele i-ANC okhethweni lwangonyaka ozayo.
Ngosuku lokubuyisana uZuma ushaqise abaningi ememezela ukuthi uzovotela iqembu elisha elibizwa ngokuthi uMkhonto Wesizwe njengoba engeke asebenzisane ne-ANC eholwa nguMengameli Cyril Ramaphosa.
Isazi sepolitiki esizimele, uMnuz Thabani Khumalo, sithe isenzo sikaZuma siphambene nemigomo ye-ANC ekubeka kucace ukuthi uma ujoyina le nhlangano uzimisele ukuyeseka.
Uthe silubeka obala uqhekeko olukhona kule nhlangano.
Ubalule ukuthi i-ANC izithola ibhekene nesimo esinzima lapho kuyiphoqa ukuthi yenze okuthile ngoZuma kwazise usesigungwini esibhekelele ukusebenza kwayo.
“UZuma akafunanga ukuthi azixoshe kodwa ushiyele i-ANC ukuthi kube iyona ezithathela isinqumo ngekusasa lakhe. Uwumuntu okwaziyo ukuthola uzwelo ngoba uma i-ANC imxosha uyobe esekhala ngokuthi inhlangano aseyisebenzele iminyaka engaphezu kuka-60 isimxoshile. Okuzoba nzima kwi-ANC wukuthi uma ingamxoshi izokwenzanjani ngaye ngoba uhlala esigungwini esibhekelele ukusebenza kwenhlangalo lapho kuzobe kubhungwa ngezinhlelo zokhetho nokunye njengoba kuqala unyaka,” kusho uKhumalo.
Uthe okwenziwa wuZuma nokwenziwa wuThabo Mbeki akufani neze ngoba uMbeki akazange amemezele ukuthi uzosebenzisana nelinye iqembu kodwa wathi ivoti lakhe liyimfihlo.
Ekhuluma kwiNewzroom Afrika, uSolwazi Andre Duvenage oyisazi sepolitiki esizinze eNyuvesi yaseNorth West, uthe akayiboni i-ANC ixosha uZuma ngenxa yogazi analo njengoba kubhekwe okhethweni.
“UZuma ucuphe i-ANC ukuthi imxoshe. Angiboni kwenzeka lokho ngoba noThabo Mbeki wenza okucishe kufane nalokhu okwenziwe wuZuma emuva kokuba exoshiwe. Wathi ngeke ayivotele i-ANC futhi ngeke aphume kuyona. Akazange axoshwe ngakho noZuma angimboni exoshwa. Into engenzeka wukuthi i-ANC ingazama ukuxoxa naye ngoba ukumxosha kuzoyilahlekisela ngamavoti KwaZulu-Natal,” kusho uDuvenage.
Wenze isibonelo sokuthi uZuma unawo amandla ngoba ngo-2021 ngesikhathi eboshwa kwabheduka izwe, kwayizibhelu zikaJulayi, KwaZulu-Natal naseGauteng.
Uthe uZuma uzosebenzisa ithuba lokuthi abe nekusasa elingamgqigqisi enkantolo uma i-ANC ikhetha ukuxoxa naye.
UMnuz Mafika Mndebele okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uthe bayamhlonipha kakhulu uZuma njengomakadebona kodwa lokhu akwenzile bakubona kuyindlela yokuzama ukususa abantu kwi-ANC.
Ucele bonke abantu ukuba bavotele i-ANC ngoba iyona eyithemba labantu. Wathi uZuma uyena owabafundisa ukuthi akekho umuntu obaluleke ukudlula i-ANC ngakho abantu mabaqhubeke nokuyeseka.