UPHINDE wahlangabezana nembibizane owayengumengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, emizameni yakhe yokuphonsela inselelo isinqumo senkantolo esiyalela ukuba akhokhe izigidi zamaRandi, uMbuso owazikhokhela abameli bakhe ababemmele ecaleni lenkohlakalo.
Izolo iNkantolo yokweDluliswa kwamaCala ePhakeme imchithile uZuma esicelweni sakhe sokuba kuguqulwe isinqumo seNkantolo ePhakeme yasePitoli, esimyalela ukuba akhokhele uMbuso imali elinganiselwa kuR16 million, eyakhokhelwa abameli bakhe.
Le nkantolo ephakeme yathola ukuthi kwakungekho sisekelo sezomthetho esinika uMbuso ilungelo lokukhokhela izindleko zikaZuma zezomthetho ecaleni lenkohlakalo, lapho esolwa ngokufumbathiswa intshontsho ngesikhathi elakuleli lithenga izikhali zombutho wezokuvikela ngo-1999.
INkantolo yezokweDluliswa kwamaCala ePhakeme ithe la macala asolwa ngawo uZuma, athinta yena siqu sakhe, ngakho uMbuso akufanele ukhokhele izindleko zakhe zezomthetho.
Le nkantolo ithe umyalelo wokuthi uZuma akhokhe lezi zigidi zamaRandi, uzosiza ekwenzeni isibonelo kulabo abasebenzisa budedengu imali yoMbuso.
Le nkantolo iphinde yenza isiphakamiso sokuthi uZuma ahlawuliswe ngokwenza izinsolo zokuthi amajaji aseNkantolo ePhakeme ayelalele isicelo sakhe, achemile.
Le nkantolo ithe uZuma uhlulekile ukuveza ubufakazi bokuthi ngempela la majaji achemile, wanqaba futhi ukuhoxisa lezi zinsolo, yabe isiyalela ukuba uZuma ahlawuliswe.
Umdonsiswano mayelana nokukhokhela izindleko zabameli kaZuma waqala ngo-2018, ngesikhathi iDA kanye ne-EFF befuna uMengameli Cyril Ramaphosa, ukuba ayalele uMbuso ukuba uyeke ukhokhela izindleko zabameli baZuma, bekhala ngokuthi lokhu akukho emthethweni.
Isinqumo sokukhokhela abameli baZuma sathathwa ngowayengumengameli, uMnuz Thabo Mbeki, ngo-2006.
UMbeki wathi uZuma ukufanele ukwelekelelwa uMbuso njengoba amacala asolwa ngawo enzeka ngesikhathi esebenzela uhulumeni.
Esitatimendeni, iDA ithe iyasemukela lesi sinqumo senkantolo.
Umholi weDA, uMnuz John Steenhuisen, uthe abahambisani nokuxhashaswa kwemali zomphakathi abaholi.
“Ngaphansi kombuso kaZuma izinto bezibheda, umnotho ubuntengantenga. Namanje sisaxhugela ngenxa yomthelela wokulawulwa koMbuso yidlanzana ngesikhathi sakhe. Lokhu kunqoba akusikho okweDA kuphela kodwa okwawo wonke umuntu wakuleli zwe.”
Ngenyanga ezayo, kulindeleke ukuthi kuqale icala lenkohlakalo elibhekene noZuma eNkantolo ePhakeme yaseMgungundlovu.