KUPHENDUKE usizi nomunyu ukugula kukamshushishi sekumele imantshi yahlulele ecaleni lokubulala elithweswe iphoyisa eladubulala kwafa owayekade encike emotweni yalo.
Bekulindeleke ukuthi imantshi uMuntu Khumalo yeNkantolo yesiFunda yasePinetown ikhiphe isinqumo sokuthi liyamgojela noma uphuma phambili uSergeant Sibonelo Shangangu izolo.
Kodwa akazange alubhade enkantolo umshushisisi, uMnuz Rowen Souls, obike ukuthi uyagula wase eyaphutha emsebenzini.
Lokhu kwenze imantshi ukuthi ikuhlehlisele uJanuwari 21, 2025, ukukhishwa kwesinqumo.
UShabangu wathela othulini ngenhlavu uMnuz Qaphela Mdima ngoNovemba 2022. Babekade beqale ngokuhilizisana besendaweni yobumnandi eyaziwa ngokuthi iCasablanca Lifestyle, eMolweni, eThekwini.
UMnuz Qiniso Mdima ongumfowabo kamufi, uthe bese bezitshelile bewumndeni ukuthi uzowudlela ejele uKhisimusi uShabangu.
“Besilindele ukuthi uzogwetshwa namhlanje (izolo). Mina nomndeni wami bese sesizitshelile ukuthi siza okokugcina enkantolo, ngeke siphinde sibuye. Angijabulile ngendlela okwenzeka ngayo,” kubalisa uMdima.
Ubekade efike enkantolo nabazali bakhe, izihlobo nabangani bemagange ukuthi bezwe isinqumo sikaKhumalo.
UShabangu naye ubebukeka engaphathekile kahle kuhlehliswa icala kule nkantolo okuqhubekayo ukugasebenzi kwama-air conditioner ayo.
UMdima uthe ihlangene iminyaka emibili begqigqa enkantolo ngecala elingapheli.
“Ayikho inqubekela phambili yaleli cala ngoba nesizathu esihlehliselwe lona asizwakali kahle. Silovele ubala emsebenzini. Uzakwabo (kaSouls) ubengambambela ngoba ayikho into akade esazoyikhuluma yena, okwakhe bese kuwukulalela imantshi ikhipha isinqumo,” kuchaza uMdima.