OBENGUMENGAMELI wakuleli, uMnuz Jacob Zuma, unxuse izinduna zamakhosi aseNdlunkulu kaZulu ukuba zehlise imimoya njengoba zilwa udaba lwamaholo azo.
Ekhuluma emcimbini obuKwaNyavu, ngaseCato Ridge ngoMgqibelo, uZuma uthe kubalulekile ukuthi izinduna zibambisane nohulumeni odabeni lwamaholo.
Izinduna zisemkhankasweni wokuthi zibuyiselwe wonke umholo wazo kusukela uZuma asayina umthetho wokuthi zihole eminyakeni embalwa edlule.
“Nginxusa ukuthi nehlise umoya futhi nibe nesineke uma nilwa udaba lwenu lokuthi nikhokhelwe imali enikweletwa yona uhulumeni,” kusho uZuma.
Uthe uyathemba ukuthi uhulumeni uzolulungisa udaba lwemali yezinduna.
Izinduna bezihola kancane phambilini kodwa ngemuva kokuthi uZuma esayine umthetho zibe seziholelwa imali engaphezu kuka R7 000 ngenyanga.
Uhulumeni KwaZulu-Natal uyakhala uthi uyasindelwa umthwalo wokuholela izinduna njengoba singekho isabelomali sokuziholela.
UZuma akaconsi phansi ezinduneni zaseKZN njengoba kunguye owenza ukuthi zikwazi ukuthola imali engaziphilisa nemindeni yazo.
Yize esephumile esikhundleni sakhe uZuma usakhala ngokuthi wakhishwa engakathandi.
“Bangithathisa umhlangaphansi ngingakathandi kodwa ngiyajabula ngoba senginesikhathi, sengikwazi ukuhlangana nesizwe njengoba ngihlangene namabutho,” kusho uZuma.
NgoMgqibelo izinduna zibe sezihlabisa uZuma ngenkomazi yenkomo njengesipho sokumbonga ngokwenza ukuthi zihole kangcono.
USihlalo weziNduna KwaZulu-Natal, uMnuz Vusi Mthethwa, ube esehlabisa uZuma ngenkomo egameni lezinduna zonke.
UMthethwa ngoMgqibelo ubevele enze umcimbi wokumulisa amadodakazi akhe amabili obuhanjelwe ngamabutho avela ezigodini ezahluneke.
Ethula inkulumo yakhe, uMthethwa uthe basamile ekwesekeni uZuma futhi basamuthanda.
“Thina njengezinduna
zaKwaZulu-Natal sizohlale sikuthanda futhi sizimisele ngokuthi sikuvikela kulabo abakuchukuluzayo,” kusho uMthethwa.
Uthe into eyenza bamthande uZuma ukuthi uzithobile futhi unenhlonipho.