OWAYENGUMENGAMELI wezwe uJacob Zuma, ugxeka amalungu e-ANC avotela uMengameli wenhlangano uMnuz Cyril Ramaphosa, engqungqutheleni yokukhetha ubuholi obusha be-ANC. Uthi bamqoka ekubeni wayebhekene nezinsolo ezibucayi ezimayelana nokusingathwa kwakhe isigameko sokugqekezwa kwepulazi lakhe eliseLimpopo.
UZuma uthe abavotela uRamaphosa engqungqutheleni yangonyaka odlule bayishayela izandla indlela asingatha ngayo udaba lokugqekezwa kwepulazi lakhe iPhala phala.
Ukusho lokhu izolo ngesikhathi ekhuluma emcimbini wokugubha usuku lwakhe lokuzalwa obuhlelwe iSanco Youth Congress KwaZulu-Natal.
URamaphosa waya engqungqutheleni yokukhetha ubuholi be-ANC elandelwa yifu elimnyama ngoba wayesanda kuvulelwa icala, esolwa ngokufihlela amaphoyisa ngesigameko okwalahleka kuso izishaqane zamadola aseMelika.
Ngaphambi kancane kokuthi kuhlale ingqungquthela umbiko wethimba elaliholwa yijaji eselathatha umhlalaphansi iJaji Sandile Ngcobo, wathola ukuthi kungenzeka ukuthi kukhona imithetho ayephulayo uRamaphosa ekusingatheni kwakhe isigameko esenzeka epulazini.
Yize kunjalo, uRamaphosa wakwazi ukuthola amavoti amaningi engqungqutheleni yokukhetha ubuholi be-ANC.
UZuma uthe akazi ukuthi amalungu e-ANC amkhetha kanjani.
“Nina futhi niphinde niyamkhetha ukuthi abe umengameli, kusho ukuthi niyamncoma.”
UZuma ukhale ngokungabi bikho komnyakazo emaphoyiseni ngalolu daba. Ukuchaze njengokumoshwa kwemali ukuthi udaba luxoxwa ePhalamende.
“IPhalamende sengaze lilokhu lihlangana kulokhu kuyokhulunywa ngesigebengu. Abantu bagibela izindiza baye eCape Town, beyokhuluma lolu daba. Kumoshwa izimali la,” kukhononda uZuma.
UMsholozi ukhala ngokudembesela kwamalungu e-ANC, nabaholi bayo ekulungiseni izinkinga ezikhungethe inhlangano. Uchaze i-ANC njengenhlangano egulayo wathi amalungu awenzi lutho ukulungisa izinkinga.
“Sinenkinga enkulu. Imibutho yethu iyagula. Sengathi wonke umuntu usho njalo. Abasisekelayo bayasho. Abasivotelayo bayasho. Okwabasivotelayo kuzwisa ubuhlungu ngoba basitshela emehlweni ukuthi ngeke basivotele. Yini thina esiyenzayo ngalokho? Wonke amaqembu aphikisayo ahambe ekhuluma ethi ayaqeda nge-ANC, ayayikhipha emandleni ngonyaka ozayo. Senzani ngalokho? Asinayo impendulo.”
Izolo uZuma ubegubha ukuhlanganisa iminyaka engu-81. Uthole izilokotho ezinhle eziqhamuka ezinhlakeni ezahlukene okubalwa kuzo ne-ANC kuzwelonke nasesifundazweni, iKwaZulu-Natal.