UMENGAMELI we-ANC, uMnuz Cyril Ramaphosa, ukholwa wukuthi owayengumengameli, uJacob Zuma, kufanele akhohlwe ngeyokungenela umbango wezikhundla kwi-ANC.
URamaphosa uthe njengoba uZuma esemdala ngokweminyaka, kufanele agxile ekubambeni iqhaza lokuba wumuntu omdala kwi-ANC, akhohlwe eyezikhundla.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nezintatheli ngesikhathi eqhuba umkhankaso owaziwa ngeLetsema, eFree State.
UZuma usanda kuqinisekisa ukuthi uzowungenela umbango wesikhundla engqungqutheleni yokukhetha ubuholi be-ANC ezokuba ngoDisemba uma igama lakhe liphakanyiswa.
Esitatimendeni asanda kusikhipha, uZuma wathi kukhona asebemnxenxe ukuthi angenele umbango wokuba wusihlalo kazwelonke kule nhlangano.URamaphosa uthe ukholwa wukuthi uZuma kufanele abambe iqhaza ngokuthi eluleke i-ANC njengomuntu omdala.
"Njengawo wonke umuntu oyilungu le-ANC, uZuma unelungelo lokungenela umbango wanoma yisiphi isikhundla kwi-ANC. Engingakusho kodwa wukuthi njengoba eseneminyaka engu-80, usekhulile. Okumfanele njengamanje ngoba usemdala, ngukunikeza i-ANC izeluleko. Lokho kungaba kuhle."
URamaphosa akusiye umholi we-ANC wokuqala ukusho lokhu ngokugaqela isikhundla kukaZuma.
USihlalo kazwelonke we-ANC, uMnuz Gwede Mantashe, naye usanda kuthi uZuma usemdala ukuthi usengangenela umbango wezikhundla.
UMantashe, okukholakala ukuthi usafuna ukubuya ihlandla lesibili ekubeni wusihlalo kazwelonke kule nhlangano, wakuchaza njengehlaya lonyaka ukugaqela kukaZuma lesi sikhundla.
Imizamo yokuthola ukuphawula kokhulumela uZuma, uMnuz Vukile Mathabela, ayizange iphumelele njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.
Khonamanjalo, uRamaphosa uphinde waphawula ngokuphela kwesigwebo sikaZuma. Isigwebo sikaZuma sezinyanga ezingu-15 siphele ngoLwesihlanu. Usiqede engaphandle ngoshwele wokugula.
"Sonke sijabule ukuthi uZuma usesiqedile isigwebo sakhe. Izinyanga ezingu-15 seziphelile. Ngizwile ukuthi lokhu kumjabulisile, nathi kusijabulisile. Sesidlulile kulesi sahluko."