UPHONSELE inselelo kwamanye amaphoyisa esifazane ukuthi azimisele emsebenzini wawo ngenkathi echonywa uphaphe wuphiko lweVisible Policing and Operation echwebeni lwemikhumbi eThekwini, emcimbini wokuklonyelisa ngezindondo amaphoyisa enze kahle onyakeni ka-2023 no-2024 eMhlanga, muva nje.
UConstable Phyllis Kubeka (42) waseNewlands West, eThekwini, ekhuluma neSolezwe, uthe ngokuhlabana ngesitifiketi se-Best Perfoming Member B Arrest, okuwuhlobo lwamacala athinta izimoto ezingenawo amalayisensi, amaphepha omgunyathi nokudla osekudlulelwe yisikhathi, kusho ukuthi abesifazane sekuyisikhathi sokuthi bazethembe.
“Ngigqugquzela wonke amaphoyisa esifazane ukuthi asebenze ngokuzimisela futhi ngiwabonise ukuthi yonke into iyenzeka uma nje umqondo wakho usesimwemi esikahle,” kusho uConst Kubheka.
Uthe abesifazane abaqale bona bezethembe.
“Abesifazane kumele bezethembe bona kuqala ngaphambi kokuthi uhulumeni eze enze okuthile. Yibona okufanele babhukule, bazijube. Lokho kuzokwenza ukuthi isibalo samaphoyisa abesifazane sikhule,” usho kanje.
Uthe ngokuhlabana ngalesi sitifiketi, kuningi asazoqhubeka akwenze.
“Usamkhulu umsebenzi okusamele wenziwe ezweni lethu ukuze kuvikelwe intsha. Ngokubopha abantu, senza isiqiniseko ukuthi ikusasa labo livikelekile ngoba uma kungenziwa lutho, kuzoba nomthelela ekusaseni laleli lizwe,” ubeke kanje.
Uthe njengoba sekuphele iminyaka engu-13 esembuthweni wamaphoyisa kuningi asekufundile futhi uyakhula ngokomsebenzi. Uthe mihla namalanga ufunda amaqhinga ahlukene ezikhulwini zakhe.
Amanye amaphoyisa aklonyelisiwe emunxeni weBest Perfoming Member A no-B Arrest kubalwa oSergeant K Moodley, N Ramlall, DJ Naidoo nabanye. Emunxeni weBest Profiler kubalwa oWarrant Officer A Hemlal, Sgt P Sewdass nabanye. Kowe-Overall Best Achiever kube ngoSgt BA Mtshali, MP Mbatha noPT Madlala.