UZOBONAKALA okokuqala esidlangaleni emva kokuqeda isigwebo sakhe sokwedelela umyalelo weNkantolo yoMthethosisekelo owayengumengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma.
Namhlanje, uZuma uzozifikela mathupha eNkantolo eNkulu eMgungundlovu lapho kuzolalelwa icala ezishushisela ngokwakhe umshushisi omkhulu ecaleni lakhe lenkohlakalo, Advocate Billy Downer nentatheli.
Kuzokube kungokokuqala uZuma ebonakala esidlangaleni kusukela kuphele isigwebo sakhe sezinyanga ezingu-15, esiphele ngoLwesihlanu.
Isigwebo usiqede evele esengaphandle ngoshwele wokugula emva kokudedelwa esadonse izinyanga ezimbili.
Wadedelwa emva kwesinqumo sikadokotela osembuthweni wezokuvikela wathola ukuthi impilo yakhe isengcupheni.
Ukuputshuka kwalo mbiko yikhona okuholele ekutheni uZuma abophe uDowner nentatheli eyabhala udaba.
Usola uDowner ngokuputshuzela intatheli umbiko owawuyingxenye yamaphepha asenkantolo.
UZuma wafaka isicelo sokuzishushisela ngokohlelo oluzimele uDowner nentatheli emva kokuthi uMbuso wenqaba ukubashushisa.
Okhulumela inhlangano kaZuma engenzi nzuzo, uMnuz Mzwanele Manyi, ukuqinisekisile ukuthi uZuma uzobe ekhona namhlanje enkantolo.
“UZuma uzobe ekhona enkantolo ukuzoshushisa abamangalelwa ababili. Laba bantu bobabili bephule isigaba somthetho weNPA u-41, esigatshana u-46. Namhlanje uNxamalala uzobe ebhekene nokuthi ubashushisa kanjani laba bantu ababili.”
Ngaphandle kwenkantolo kulindeleke ukuthi kube khona abantu abazokweseka uZuma.
Ukuphela kwesigwebo sikaZuma kusho ukuthi usengakwazi ukukhuluma nabantu abazokube bezomeseka.
Phambilini imibandela kashwele ibingamvumeli ukuthi akhulume nabalandeli bakhe.
Phakathi kwabantu abazokube bezomeseka namhlanje kulindeleke ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal.
Emva kokukhethwa, ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal bathembisa ukuthi buzomeseka uZuma kuwo wonke amacala abhekene nawo.
Esitatimende esikhishwe ngoMgqibelo, okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mafika Mndebele, uthe bazosigcina isithembiso sabo sokweseka nuZuma.
“Asizukugcina nje ngokumeseka ngomlomo kodwa sizokukhombisa ukumeseka kwethu. Kuyishwa ukuthi uZuma ilokhu aqala ngo-2005 ukuphenywa nokushushiswa.”
Izolo uMndebele uthe basazama ukuphothula izinhlelo.
Icala elingena enkantolo namhlanje lingase libambezele ukuqulwa kwecala likaZuma lenkohlakalo kanye nokukhwabanisa.
Icala lenkohlakalo nokukhwabanisa, nalo eliqulwa enkantolo efanayo, lahlehliswa emva kokuthi uZuma afaka isicelo sokuba kushenxe uDowner.
UZuma usola uDowner ngokuchema.
Isicelo sakhe sachithwa ilenkantolo, njengamanje uzimisele ngokudlulisela lesinqumo eNkantolo yoMthethosisekelo.