ABEBESEBENZELA inkampani eqapha ejele iMangaung okweqa kulo uThabo Bester, iG4S, bamashele eMnyangweni wezokuHlunyeleliswa kwezimilo kule ndawo.
Obehola imashi uMnuz Morui Mphou utshele abezindaba ukuthi bamashela ukuzwakalisa ilaka labo lokuthi umnyango ungayeluli inkontileka yokusebenza yenkampani.
“Njengoba bebanike izinsuku ezingu-90, sesizwa kuthiwa bacela ukwengezelwa ezinye ezingu-90 futhi, okusho ukuthi kuzoshaya uJanuwari wangonyaka ozayo besasebenza. Lokho sithi akungavunywa,” kusho uMphou.
Uthe bakholelwa ukuthi kufanele inkampani nabanye abasebenzi bajeze ngokweqa kukaBester.
Uqhube wathi okunye abakumashelayo ngukuthi kumiswe kuphinde kuboshwe nezinye izikhulu ezintathu zenkampani, athe nazo zabamba iqhaza ekulekeleleni uBester ukuthi eqe ejele.
UMnuz Batho Mpholo, onguyise kaMnuz Katlego Bereng, okwagcina kuvela ukuthi yisidumbu sakhe esashiswa esitokisini okwakuboshwe kuso uBester, utshele abezindaba ukuthi basagculisekile ngokuqhubeka enkantolo.
“Sinalo ithemba lokuthi buzokwenzeka ubulungiswa. Esijahe ukukwazi ukuthi indodana yethu yafa kanjani,” kusho uMpholo.
Izolo uBester ubevele eNkantolo yeMantshi yaseBloemfontein kusetshenziswa ubuchwepheshe, icala lahlehliswa, ngenxa yokuhoxa kwabameli bakhe, uyalelwe ukuthi uma esebuyela enkantolo ngo-Agasti 8, kumele abekhona siqu sakhe. Lokhu kwenzelwa ukuthi kube lula ukuthi kube khona ukuxhumana phakathi kwakhe nabameli bakhe abasha.
Phambilini kwavela izindaba ezishaqisayo zokuthi kunamacala abasolwa ngawo ngokwehlukana kwabo.
Okunye okubuye kwahlaluka ngukuthi inkantolo isichithile isicelo sikammeli sikayise kaDkt Nandipha Magudumana, uMnuz Zolile Sekeleni sokuthi angabikhona enkantolo ngo-Agasti 8.
Ummeli kaSekeleni uveze ukuthi isicelo sakhe sincike ekutheni uhamba ibanga elingaphezu kuka-1800km uma eza enkantolo, wathi njengoba lizophinde lihlehle leli cala ngo-Agasti 8, kungaba wumqondo omuhle ukuthi angezi, kube nguye kuphela okhona ukuzolimela.
Inkantolo isichithile leso sicelo ngesizathu sokuthi kuzodaleka inkantolo izingqinamba ukunikeza uSekeleni inkululeko efana naleyo.
“Inkantolo ithatha isinqumo sokuthi ummangalelwa afike ngaphambi kwenkantolo ngo-Agasti 8. Kufanele eze la,” kusho iMantshi uMohlolo Khabisi.