YINQWABA yabasolwa abafe bedubulana namaphoyisa ezigamekweni ezehlukene ezenzeke KwaZulu-Natal, phakathi kuka-Agasti noNovemba kulo nyaka.
Ekhuluma esithangamini nabezindaba eThekwini, uKhomishana wamaPhoyisa kulesi sifundazwe, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, uthe bangu-45 abasolwa abafe ezigamekweni ezingu-22 kudutshulwana. Uthe kulezi zigameko, mahlanu amaphoyisa alimalile okukhombisa ubunzima abhekana nabo uma ebhekene nabasolwa abasuke behlomile.
“Amaphoyisa ayaqhubeka nokusebenza ezimweni ezinzima ebhekene nabasolwa abangangabazi ukudubula bebhekise kuwona uma ezobabopha. Ukufa kwephoyisa elilodwa nje, kuyinto ebuhlungu. Kusuka ngo-Agasti lilodwa iphoyisa elidlule emhlabeni kulesi sifundazwe, kodwa kube ngenxa yengozi yemoto,” kusho uMkhwanazi.
Phakathi kwezigameko ezibonakale zigqama ngalesi sikhathi azibalulile; esokuqothwa kwabane ezehlakalweni ezehlukene abasolwa ngokubulala amalungu ayisikhombisa omndeni owodwa e-Highflats.
Uthe bangu-42 079 abasolwa asebeboshelwe amacala ehlukene kusuka ngo-Agasti kulesi sifundazwe.
Abangu-926 kubona baboshelwe awokubulala, babe ngu-986 ababoshelwe awokuzama ukubulala bese kuthi abangu-8 139 baboshelwe awokushaya ngenhloso yokulimaza.
UMkhwanazi uthe bangu-639 abasolwa ababoshelwe amacala okuhweba ngezidakamizwa kanti bonke bangabokufika kuleli.
Emva kwezibalo ezimenyezelwe wuNgqongqoshe wezamaPhoyisa, uMnuz Senzo Mchunu ngoMsombuluko, kuvele ukuthi iziteshi, esiseMlaza naseNanda, zihamba phambili ngamacala ehlukene okubalwa kuwona awokudlwengula.
UMkhwanazi ukhale ngokwanda kwemijondolo kulezi zindawo athi kuseyinselelo enkulu emaphoyiseni ekutheni enze umsebenzi wawo kahle.
Uveze ukuthi bangu-1 948 abasolwa ngokudlwengula ababoshwe ngalesi sikhathi, babe ngu-150 asebegwetshiwe. Zingu-54 izigwebo ezingodilikajele ezikhishiwe okuyiminyaka ewu-1 225 uma sezihlanganisiwe.
Uthe kusekuningi okumele kwenziwe ukulwa nodlame lwangokobulili, wathi lesi sihlava singeqedwe amaphoyisa kuphela, kodwa neminye iminyango kumele isondele ukulwa naso.
UMkhwanazi uthe zingu-17 izigameko zokubanjwa inkunzi kwezimoto ezithwala imali ezenzeke esifundazweni, kanti uphiko loKlebe lubophe abasolwa abayisithupha.