UVELA namhlanje eNkantolo yeMantshi yaseThekwini, umsolwa odune imoto ebihamba amaphoyisa ayengekho emsebenzini okuthiwa uwakhombe ngesibhamu.
Lo msolwa ona-34, zimkhalele ngoLwesine, emva kwesikhashana kwenzeke isigameko sokubanjwa kwalaba bagilwa abangamaphoyisa esiteshini esiseGreenwood Park, eThekwini, okuthiwa uthathe nezibhamu zabo esigamekweni esenzeke eCourtown Crescent, e-Avoca Hills.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe emva kwalesi isigameko ithimba lamaphoyisa elihlanganisa awaseGreenwood Park, Durban North Task Team, Newlands Trio Task Team nabezinkampani zonogada ezizimele, liphume inqina ukuthungatha umsolwa.
"Umkhondo uliholele eNewtown A, eNanda, okuyilapho umsolwa eboshwe khona. Utholwe nezibhamu ezimbili zalawa maphoyisa nezinhlamvu eziwu-30," usho kanje.
Uthe ngesikhathi amaphoyisa eqhubeka epeqebula, athole ezinye izibhamu ezimbili ezingekho emthethweni nezinhlamvu ezingu-12. Imoto ebidunwe emaphoyiseni nayo itholwe nomsolwa.