BAYISITHUPHA abasolwa ababoshwe ebhusha eliseMfuleni eKapa abasolwa ngokusebenzisa ukudla kwezinja ukwenza amasoseji.
Kuthiwa ukudla kwamathambo, okuvame ukutholakala ekudleni kwezilwane ezifuywayo, bekusetshenziselwa ukwenza isoseji.
UMnyango wezeMpilo kuMasipala waseKapa ukucacisile ukuthi akukho kudla kwezinja okutholwe embonini engabhalisiwe yokukhiqiza amasoseji eMfuleni.
"Siyazi futhi ngezinsolo zokuthi bekusetshenziswa ukudla kwezinja ukukhiqiza isoseji. Ngokuphambene nezithombe ezisabalele ezinkundleni zokuxhumana, abe-EHP bethu abatholanga bufakazi bokudla kwezinja endaweni yesigameko. Sicela umphakathi uvumele uphenyo luqhube," kusho uMMC weziNsiza Zomphakathi kanye neZempilo uPatricia van der Ross.
Abanikazi beGubta Meats babekwe icala lokwephula umthetho iFood Stuff and Cosmetics Act. Kuphathelene nokwenza ibhusha nokwenza imikhiqizo yenyama ngaphandle kwesitifiketi somthetho.
Baphinde babekwe icala lokuqasha abantu bokufika abangenayo imvume yokuba kuleli.