ABEZIMO eziphuthumayo benkampani i-ALS babizelwe efemini semgwaqweni uBalfour eJacobs ngemibiko yokuqhuma kwekhemikhali.
Abezimo eziphuthumayo bafike kule ndawo bathola isimo sisibi kulimele abantu abathathu okuthiwa bachaphazelekele kuqhuma ikhemikhali. Ababili, babo basesimweni esibucayi. Ngesikhathi belashwa, oyedwa wabo kubikwa ukuthi umelwe yinhliziyo, abezimo eziphuthumayo bazamile ukumsindisa, ngeshwa waphangalala khona lapho.
Ababili balashelwe endaweni yesehlo ngaphambi kokuphuthunyiswa ezibhedlela ezahlukene eThekwini.
Okwamanje, imbangela yokuqhuma ayikaziwa. Kodwa-ke, zonke iziphathimandla ezidingekayo zikhona futhi zizophenya kabanzi.