UNGQONGQOSHE woMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu kuleli, uNksz Mmamoloko Kubayi, uthe izinhlangano ezakha izindlu zokuqashisa kufanele zibabhekelele nabahola kancane.
UNkk Kubayi ubekhuluma emhlanganweni nezinhlangano ezakha izindlu zokurenta ezibizwa ngama-Social Housing Institutions (SHI) ngempelasonto, eKempton Park, eGauteng.
“Njengoba abantu beya emadolobheni ukuyofuna impilo engcono, kusho ukuthi nesidingo sezindlu zokurenta siyanda. Kubalulekile ukuthi ama-SHI asebenzisane nohulumeni ukubhekelela abantu abahola imali ephakathi kuka-R1 850 no-R22 000 ngenyanga.”
Ubalule ukuthi abanye abantu basuke bengadingi indlu abazohlala kuyona isikhathi eside kodwa basuke befuna ukusondela ngasemathubeni omnotho nokuyinto eyenza ukuthi barente.
Uchaze ama-SHI njengezinhlangano ezingayenzi inzuzo ezilekelela abahola kancane ukuthi babe nendawo yokuhlala lapho besuke bekhona.
Uthe badinga izindlu zokuhlala zokurenta eziwu-300 000 ezizosiza abantu ukuthi bakwazi ukuhlala endaweni abakwazi ukuyikhokhela.
“Sizimisele ukusebenzisana nani ukuze sishintshe indlela yokuhlaliswa kwabantu eyayihlelwe wuhulumeni wobandlululo. Ngikhulumile nane-Banking Association of South Africa ukuthi igqugquzele amalungu ayo ukuba atshale imali kwintuthuko yezindlu ezosiza umphakathi.”
Uthe basebenza ngokuzikhandla ukuphendula amabhilidi aqhwagwe yizigebengu ezihlalisa abantu ezimweni ezingaphephile, ukuba bawenze amabhilidi aphephile ukuhlala abantu kuwo wonke amadolobha amakhulu kuleli.
Ubuye wakhumbuza abantu ukuthi uhulumeni unezinhlelo zokuxhasa abangenayo imali ukuba bazithengele imizi yabo emabhange nokuthi bazithengele iziza zokwakha.