Uzovalwa thaqa uthelawayeka uN3 phakathi kwase-Ashburton naseLynnfield Park ngoMsombuluko emini njengoba kuzobe kuqhunyiswa ngaphansi kwebhuloho iLynnfield.
Lokhu kuqhunyiswa kuyingxenye yokwakhiwa komgwaqo okuqhubekayo kulo mgwaqo.
Umgwaqo uzovalwa phakathi kuka-2.30 kuya ku-3, uphinde uvalwe ngesikhathi esifanayo nangoLwesithathu.
UJason Lowe iyimenenja kwaSanral, uthe phambilini abakwazanga ukuqhumisa njengoba babehlelile ngenxa yobuhixihixi.
“Ukuvalwa thaqa isikhashana kuzokwenzeka kuN3 naku-R103 phakathi kwezimpambano zase-Ashburton naseLynnfield Park. AbakwaToad Traffic Inspectorate (RTI) bazobe belawula izimoto uma sekwenziwa lokhu belekelelwa yithimba labakhayo,” kusho uLowe.
Uthe njengoba ukuqhumisa kwenziwa kuR103 ngaphansi kwebhuloho kuN3, ayikho enye indlela izimoto ezingahamba kuyo ngakho ukubambezeleka imiuzuzu engu-30 akugwemeki kuzo zonke izindlela.
I-Sanral ithe ukuvalwa komgwaqo kungadinga ukuthi kushintshwe uma isimo sezulu singavumi kodwa bazokubika uma kwenzeka.
Banxuse abashayeli ukuthi babekezele futhi bahlele izinkambo zabo ngendlela.