AZOBE engayihleki into engahlekisi amaphoyisa ngesikhathi samaholidi okuphela konyaka uma eseqinisa ezokuphepha elwa nayo yonke inhlobo yobugebengu.
Lesi yisixwayiso esivele kuMkhuzi wamaPhoyisa, uGeneral Fannie Masemola, ngesikhathi ethula umkhankaso i-Safer Festive Season Operations eMamelodi, ePitoli izolo.
Uxwayise kakhulu abantu abaphula umthetho ngokuthi bahlukumeze abesifazane nezingane, wathi yinto amaphoyisa angeke axoxe namuntu ngayo, abenzi bobubi bazolala bebaliwe.
Ube esekhuluma ebhekisa ezigebengwini ezibhilitayo ngokuthi ziphange ngamaholidi kaDisemba, wathi ukuthi zisuke zihlome ziyizingovolo ngezinhlokohlela zezibhamu, ngeke kusho lutho ngoba nabo bazilindele.
UMasemola uzixwayisile wathi zizofika zigawulwe zabekwa kwazise namaphoyisa azobe ehlome ephelele ngemijojantaba yezibhamu.
“Izigebengu zisuke zingaphethe imishanelo uma zenza amacala, ziphatha izibhamu ezinkulu ngokunjalo namaphoyisa azobe eziphethe,” kusho uMasemola
UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Senzo Mchunu, ukhuthaze abashayeli bezimoto, wathi abashayele ngokucophelela emigwaqweni.
UMchunu uthe umuntu akangashayeli ngenhloso yokubukisa ukuthi imoto yakhe inesivinini esingakanani ekubeni engajahe ndawo.
“Inhloso akukhona ukuthi abantu bashone ngoDisemba. Abanye benu bazobe bethatha uhambo nezingane ezidinga ukuba nizinakekele. Shayela ngokuphepha futhi ningashayeli niphuze utshwala,” kusho uMchunu.
Naye uxwayise izigebengu athe zisuke zinenhloso yokwenza amabhonasi, wathi zizolutheza olumanzi.
IPhini likaNgqongqoshe wezokuThutha, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, lidluliswe amazwi enduduzo emndenini wabayisishiyagalombili ababhubhe engozini enyantisa igazi eMandeni, KwaZulu-Natal, entathakusa izolo.