USETHI khumu ePhalamende uSomlomo wale ndlu, uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula emuva kokhetho lukazwelonke oluzomenyezelwa maduzane nguMengameli Cyril Ramaphosa.
UNkk Mapisa-Nqakula, uthe ungomunye wamalungu e-ANC, asezwakalise ukuthi angathanda ukudeda enkundleni, adedele intsha iqhubeke lapho begcine khona.
Uveze ukuthi kodwa konke lokhu kulele ekutheni i-ANC izomvumela yini ukuthi athathe umhlalaphansi.
Ekhuluma nesiteshi sethelevishini izolo njengoba uRamaphosa ubethula inkulumo yokugcina ayibhekise esizweni ngaphambi kokhetho, uthe ungomunye wabantu abangena ePhalamende ngo-1994
“Kwakuwusuku olumnandi ngesikhathi sifungiswa okokuqala ePhalamende ngaphansi kukahulumeni wentando yeningi. Lolu suku ngeke ngilukhohlwe.”
Uveze ukuthi usebenze nabo bonke omengameli abake baphatha ngaphansi kukahulumeni wentando yabantu.
“Ngike ngaba wungqongqoshe eminyangweni ehlukene njengoba manje ngiwuSomlomo wePhalamende. Akukho engingakwenzanga. Sekufike isikhathi sokuthi manje umuntu adede inkundla kungene abantu abasenomfutho,” kusho uNkk Mapisa-Nqakula.
Akuyena kuphela osephumele obala wazwakalisa ukuthi ufuna ukuzibeka phansi izintambo ngemuva kokhetho.
UDkt Nkosazana Dlamini Zuma, uNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli, waphumela obala wathi uzibeka phansi izintambo.
Wabhalela ikomiti lezokhetho le-ANC, eliphonsa imibuzo abazojutshelwa ePhalamende yinhlangano ngemuva kokhetho, wabonga ithuba kodwa wathi usezibeka phansi izintambo ngemuva kokhetho.
Intsha yale nhlangano isike yaphumela obala yathi abantu abangena ePhalamende ngo-1994, isikhathi sabo siphelile kumele badede enkundleni.
Le nhlangano yathi ifuna intsha igcwale ePhalamende kanjalo naseziShayamthetho zezifundazwe.
Lokhu akwehlanga kahle kwabanye abaholi bayo inhlangano, kubalwa noSihlalo kazwelonke uMnuz Gwede Mantashe, owathi intsha ayikwazi ukuthi ingathi ifuna kube no-50% wabantu abasha ePhalamende.
UVukayibambe we-ANC wathi iPhalamende akuyona indawo yokuthi abantu abadala bathathe umhlalaphansi kuyona, ngakho abadedele intsha esenomfutho ukuthi igijime.