AMALUNGU eSACP namaqembu omfelandawonye aphume ngobuningi bawo emashini ebizwa ngeChris Hani: Day of Action.
Le mashi ehlelwe yile yimifelandawonye yesekwa ngamanye amalungu omphakathi, isuke epaki iBurgers Park ekuseni ngo-7 ibheke ejele iKgosi Mampuru II lapho uJanusz Walus ongumbulali kaChris Hani edonsa khona isigwebo sakhe sikadilikajele.
Kulindeleke ukuthi uWalus akhishwe ejele noma yinini kusukela kusasa njengoba iNkantolo yoMthethosisekelo yagunyaza ukuba anikezwe ushwele, futhi yakhipha umyalelo wokuba adedelwe ejele ngemuva kwezinsuku eziyishumi.
Ummeli wakhe utshele abezindaba izolo ukuthi izinsuku eziyishumi ziphela ngoLwesine kwazise kubalwa nezimpelasonto. Isinqumo senkantolo sishiye abaningi bekhala ngokuthi akubanga khona ubulungiswa njengoba uWalus esolwa ngokungadaluleli iqiniso lokuthi ngubani owayemthumile ukubulala umholi weSACP.
Inkosi uMandla Mandela nayo beyikhona emashini, uveze ukuthi balapha ngoba bekhumbula isihluku akwabulawa ngaso uHani phambi kwendodakazi yakhe.
“Sikhumbula ubuhlungu bokubona isidumbu sikaChris Hani sidindilizile edamini legazi, indodakazi yakhe ibuka,” kusho uMandela ekhuluma ngaphandle kwejele iKgosi Mampuru II.
UPemmy Majodina uthi beyi-ANC abathokozile ngokukhishwa ngoshwele kukambulali kaHani ngoba akakaze aveze ukuthi wubani owayemthumile ukubulala uHani,
“Singamalungu e-ANC, siyizakhamuzi zaseNingizimu Afrika kuqala, ngaphambi kokuba ngamalungu epolitiki, sifuna abhadle ejele kuze kuphume iqiniso,” kusho uMajodina.
USihlalo we-ANC eGauteng, uMnuz Lesufi Panyaza uthi ufuna uWalus uma ephuma enyobozela ejele abathole bengaphandle.
“Kumele asithole silapha ngaphandle uma ephuma enyobozela ejele, ukuze akhumbule ukuthi asikhohliwe ngesihluku asenza ngesikhathi ebulala uChris Hani,” kusho uLesufi.
Uthe basola ukuthi uzokhishwa namhlanje ejele. Uthi imashi yabo kayiqondisiwe ekulweni nejaji elithile noma iNkantolo yoMthethosisekelo kodwa ukubonisa ukuthi abantu baseNingizimu Afrika kabaneme.
#JanuszWalus We are live from Burgerspark in the City of Tshwane where the Tripartite Alliance will march to Kgosi Mampuru Prison over the release of Chris Hani’s killer, Janusz Walus.
— Jacaranda News (@JacaNews) November 30, 2022
ANC Gauteng chairperson Panyaza Lesufi has more details. pic.twitter.com/Zfd5VbntqA