IZIHLATHI zizovakashela izindlebe kubashayeli bezimoto eNingizimu Afrika njengoba ilitha likaphethroli lizokwehla ngoR2.04 bese elikadizili lehle ngo-56 cents.
Lezi zindaba zimenyezelwe wuMnyango wezokuMbiwayo namaMandla ohlale umemezela ukwehla nokunyuka kwentengo kaphethroli nyanga zonke.
Umemezele ukuthi ilitha likapharafini lizokwehla ngo-82 cents bese ikhilo legesi lehle ngo-R1.65.
Umnyango uthe okwenze ukuthi uphethroli wehle wukuthi intengo kawoyela ongahluziwe yehlile.
Ukhumbuze abantu ukuthi intengo kaphethroli nodizili iyashintsha nyanga zonke, ihambisana nokwenzeka ezimakethe zomhlaba lapho kukhiqizwa khona uwoyela ongahluziwe, kubhekwe izindleko zokuwuletha kuleli nokunye.
Inhlangano eyenza ucwaningo ngezimoto, i-Automobile Association (AA), ithe ukwehla kukaphethroli kusho ukuthi ilitha lizosuka kuR25 libe wu-R23 namasentshana.
Ithe ukwehla kwentengo kawoyela kuyajabulisa kodwa akuzehlisi kangako izindleko zabathengi njengoba ingeke ishintshe imali yokugibela neyezinye izindleko.
I-AA icele uhulumeni ukuthi ayisuse intela ekhokhwa ngabashayeli njalo uma bethela uphethroli ngoba nayo inomthelela ekwenyuseni intengo yawo.
UMnuz Mervyn Abrahams, obhekelele izinhlelo zePietermaritzburg Economic Justice & Dignity Group, eyenza ucwaningo ngentengo yokudla nesimo senhlalo, uthe abantu bazowubona umehluko entengweni yokudla njengoba ukwehla kukaphethroli kuba nomthelela entengweni yokukhiqizwa kokudla nasekuhanjisweni kwakho ezitolo.