UMPHAKATHI waseNgodini kwaHlabisa ukhale kumasipala iBig Five Hlabisa ukuthi ungenelele ekuxhaseni abafundi abenze kahle ezifundweni zabo kodwa abangenawo amandla okukhokhela izindleko zokufunda emanyuvesi.
Lokhu kuza emva kokuthi kube nezikhalo eziningi ngenxa yesikhwama esixhasa abafundi iNSFAS okuthiwa sinezinkinga eziningi nokwenza abafundi bagcine bengaxhaswanga ukuthi baqhubeke nokufunda.
Lesi sikhalo somphakathi sivele ngesikhathi kwethulwa izinhlelo zentuthuko eNgodini.
Kuthiwa yinqwaba yezingane okuthiwa zenza kahle esikoleni kule ndawo kodwa zigcina zihleli emakhaya yobunzima bokuthoka uxhaso.
Kumanje isikhwama iNSFAS sikesabhekane nezinkinga nosekuphoqe ukuthi ukuthi kungenelele uNgqongqoshe weMfundo ePhakeme, uSolwazi Blade Nzimande ukuze kulungiswe izinto.
IMeya yaseBig 5 Hlabisa, uMnuz Comfort Khumalo, ithe bayaziqonda izinkinga zesikhwama iNSFAs, yingakho bethathe isinqumo sokuthi babeke eceleni imali engu-R100 000 ukusiza abafundi abasuke befuna ukuya emanyuvesi ngonyaka ozayo.
"Siyazi ukuthi iNSFAS ihlale inezinkinga ezigcina zilimaza abafundi abasuke befuna ukuqhubekela ezikhungweni eziphakeme zeMfundo. Nokho engingakusho ukuthi thina njengomasipala sesiyibekile imali engu-R100 000 yokusiza abafundi abaswele nabasuke bephase kahle," kusho uKhumalo.
Uqhube wathi njalo ekuqaleni konyaka banezinhlelo zokuklomelisa abafundi nothisha abenze kahle kuMatric ukubagqugquzela ukuthi baqhubeke nemfundo.
Uveze nokuthi lokhu bakwenza ngenhloso yokuthi akwazi ukuqhubeka ayofundela lokho akuthandayo ngaphandle kwenkinga yemali.
Kwenzeka lokhu nje abafundi bakamatric bamatasa nezivivinyo zokuphela konyaka ezikoleni ezahlukene.