INHLOKO yamajaji, iJaji uRaymond Zondo, lizothamela umcimbi wokumenyezelwa kwemiphumela yokhetho lapho lizokwamukela khona uhla lwamalungu azofungiswa njengamalungu ePhalamende likazwelonke.
Ihhovisi likaZondo liqinisekise lokhu esitatimendeni esishicilelwe enkundleni yezokuxhumana i-X.
I-IEC kulindeleke ukuthi imemezele imiphumela yokhetho ngo-6 ntambama ngeSonto, eMidrand.
IHhovisi likaMengameli Cyril Ramaphosa likuqinisekisile ngoMgqibelo, ukuthi uzowuthamela umcimbi.
Imiphumela imenyezelwa nje, kunamaqembu angaphezu kuka-20, okubalwa kuwo noMkhonto Wesizwe, angeneme ngendlela ukhetho oluhambe ngayo nokubalwa kwemiphumela.
Umholi woMkhonto Wesizwe, uJacob Zuma, esithangamini nabezindaba, uthe imiphumela akumele imenyezelwe izikhalo zabo zingalaleliwe.
Ngokomthetho, iPhalamende akumele libe namalungu angaphansi kuka-350 nangaphezu kuka-400.
Amalungu ePhalamende aqokelwa isikhathi esiyiminyaka emihlanu.
Okhulumela iPhalamende, uMoloto Mothapo, uthe uma iPhalamende lihlakazwa, umengameli wezwe kumele abize ukhetho zingakapheli izinsuku ezingu-90.
“Yize isikhathi saleli siphele ngoMeyi 21, liqhubekile nokusebenza kwaze kwaba yingaphambi kosuku lokhetho okube yiphakathi kwamabili ngoMeyi 28,” kusho uMothapo.
Ngemuva kokumenyezelwa kwemiphumela yiokhetho, i-IEC idlulisa uhla lwamalungu kwinhloko yamajaji eyidlulisela ePhalamende.
Uthe iPhalamende kumele lihlale zingakapheli izinsuku ezingu-14 kumenyezelwe imiphumela yokhetho futhi lolo suku luzokhethwa wuZondo.
Uqhube wathi ngaphambi kokuthi amalungu eqale ukusebenza kumele afungiswe yinhloko yamajaji.
“Ngemuva kokufungiswa kwamalungu, inhloko yamajaji ibhekelela ukuqokwa kukasomlomo wePhalamende yena okumele abhekelele ukuqokwa kwephini likasomlomo. Umengameli wezwe ngowokugcina ukuqokwa ngoba indlu kumele ihlangane kuqala ngaphambi kokusebenzisa amandla ayo ukukhetha umengameli.”