KUKHALWA ngesihluku okuthiwa sikhonjiswe yisoka ngesikhathi libhokoda owesifazane ebelithandana naye ngommese amahlandla angaphezulu kwayisikhombisa.
Siyindaba egudwini kumalungu omphakathi waseNhlanhleni, eMakholweni, e-Underberg isenzo sesoka okuthiwa likhalelwe ngamasongo kaSigonyela njengoba lihlasele uthisha emqashweni, e-Underberg lamgwaza kubuka wonke umuntu.
Uthisha uNksz Moshoeshoe (igama lakhe eingatholakalanga) kuvele ukuthi yena nomsolwa, baneminyaka engu-50.
Umthombo obukhona ngesikhathi kwehla isehlo uveze ukuthi bazwakale bexabana ngaphakathi endlini.
Kuthiwa bekuzwakaka ukuthi nemimoya iphezulu.
"Ngemuva kwesikhashana sibone owesifazane esephumela emnyango egijima ebaleka kodwa esegcwele igazi namandla okubaleka engasenawo. Isoka liqhubekile lamjaha lamfica laqhubeka lamgwaza esedindilize phansi,'' kuchaza umthombo.
Ngemuva kwalokho owesilisa kuthiwa ugcwale amathafa kodwa ngenhlanhla amaphoyisa ashesha athola umkhondo wakhe wase ekhalelwa ngamasongo kaSigonyela.
Uqhuba uthi laba ababili bese kunesikhathi eside bethandana.
Kuvela ukuthi isoka belikujwayele ukufika emqashweni lizovakashela owesifazane.
Kuthiwa akuqondakali ukuthi baxatshaniswe yini.
Kuvela ukuthi uthisha akusiye owendawo njengoba eqashile nje. Kuthiwa ubefundisa esikoleni eNhlannhleni Combined.
Elinye ilungu lomphakathi elizwakalise ukukhathazeka okukhulu ngalesi sehlakalo, lithe bayakweshwama abakubonile.
"Endaweni yakithi angikhumbuli nje sibona umuntu wesifazane ebulawa ngesihluku esingaka. Hheyi yaze yaba nesihluku nansi indoda. Futhi kusekude kabi ukuthi ngikukhohlwe engikubone namhlanje,'' lisho kanjena.
Likhale ngokuthi kwale noma owesifazane esekhala kabuhlungu ememeza ecela uxolo kodwa owesilisa wavuka umbhejazane esho ukumqeda.
"Kubuhlungu kabi ukuthi angabulawa ngesihluku esingaka umuntu owusizo olungaka emphakathini wethu obefundisa izingane zethu ngokuthembeka nangesineke,'' kuqhuba ilungu lomphakathi.
Kuvela ukuthi isoka lingumuntu owaziwa ngokuba yisixhwanguxhwangu.
Kuthiwa kunabanye vele abebeshaya amakhala ngokuthandana kwabo bekhala ngokuthi owesifazane unomoya ophansi ekubeni isoka laziwa ngokuthanda ukulwa ngaso sonke isikhathi.
Ikhansela laseNhlanhleni kuWard 2, uMnuz Basil Ntshiza, uthe bashaeke kakhulu ngokwenzekile.
Uthe kule ndawo akakhumbuli kuba nesehlo salolu hlobo.
Ugcizelele ukuthi abafisi ukuthi kuphinde kube nesehlakalo salolu hlobo ngokuzayo.
Uthe babonga kakhulu amaphoyisa akulendawo asukume ngokushesha kwabanjwa umsolwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa abophe owesilisa oneminyaka engu-50 ngecala lokubulala owesifazane naye oneminyaka engu-50.
"Kubikwa ukuthi owesilisa ugwaze owesifazane amanxeba amaningi washonela khona lapho. Owesilisa uzovela enkantolo kusasa (namhlanje),'' usho kanjena.