Kulokhu ngithe ake singene kancane ekilasini sifundisane ngalesi sihloko esithinta ucansi. Ngike ngathi nokufunda funda izinkundla ezihlukene mayelana nalesi sihloko sanamhlanje. Ngifuna sikhulume ngembewu yomuntu wesilisa, abanye abangathi yisidoda. Lolu wuketshezi olubaluleke kabi empilweni jikelele ngoba yilona olwandisa isizwe. Ngaphandle kwalo, akukho muntu wesifazane ongakhulelwa.
Kuyenzeka ukuthi imbewu yomuntu wesilisa ingabi sesimweni esifanele. Ngamanye amazwi ibe ntekenteke. Lokhu kuthiwa kudalwa yizinkinga ezithile esizozibala ngezansi nokuthiwa kunomphumela ongemuhle kowesilisa ngezindlela eziningi.
Owesilisa onesidoda esingashubile ngokwanele kungenzeka azithole ebhekana nezinselelo ezifana nokuthi induku yakhe ithathe kude ukuqina okanye igcine ingaqinanga nhlobo. Kungenzeka futhi azithole eshesha ukufinyelela kuvuthondaba okanye ahluleke ukulawula isikhathi asuke ezofinyelela ngaso kuvuthondaba.
Ngamafuphi uba iqhude, nakhona isidoda sakhe siba uketshezi olumanzi kakhulu, kungenzeka futhi abe nenkinga angakwazi ukukhulelisa owesifazane. Lokhu ke kuyinto engemnandi kwabesilisa futhi nabesifazane abagculiseki.
Nazi ke izizathu ezivela njengembangela yalezi zinkinga zembewu.
– Kungaba ukuthi owesilisa unesifo esithile
- Kunamaphilisi owadla nsuku zonke esifo esithile angcina emthuntubeza ngale ndlela.
- Usebenzisa noma wake wasebenzisa izidakamizwa ezithile eziyingozi.
- Wake walimala waba sengozini wathinteka kabi ebuntwini bakhe.
- Uphuza ngokweqile uphuzo oludakayo
Ongoti bathi nazi izimpawu okumele uzigade / uziqaphele bese uyazisukumela ngokushesha.
-Ukujuluka kakhulu uma uya ocansini
--Ubuhlungu emankwahleni nokuvuvukala okanye izindlanyazi ongaziqondi kahle ezinhlamvini.
Ngaphandle kwalokhu okungenhla, kuyavela ukuthi ukuba nesidoda esintekenteke kwehlisa ukuzethemba kowesilisa. Yize kunjalo kodwa bakhona abesilisa abangakunaki okuyingozi ke nokho ngoba owesilisa ugcina esola owesifazane ngokuthi uyena ongenayo inzalo ekubeni inkinga ingakuyena kodwa futhi kuyenzeka omunye akwazi ukukhulelisa, kuya ngokuthi yini imbangela yokuthi isidoda sakhe sibe ntekenteke nokuthi umonakalo ungakanani.
Kubalulekile ke njengoba ngike ngisho, ukuthi uma kukhona umehluko owubonayo esithweni sakho sangasese, usheshe ubonane nodokotela. Noma kunoshintsho emdlandleni owujwayele ocansini, uzwe uncipha noma ungekho nhlobo, ungenakhwantalala, kubalulekile ukuthi uyoxilongwa wudokotela. Kulabo abanenkinga yokungabatholi abantwana, abangaqhubi abesifazane bodwa phambili nabo kumele baxilongwe. Kwazi bani, mhlawumbe inkinga ayikho kowesifazane kodwa ikuwena.