Ashaye ungqimphothwe sekumele agwetshwe amadoda amane avele axalaza ummeli wawo, afuna ukumelwa omunye wamahhala ecaleni alahlwe ngalo lokuthumba nokubulala ngesihluku u-Andile “Bobo” Mbuthu (16).
Lokhu kuqale ngokuthi ummeli wala madoda, uMnuz Chris Gounden, engafiki eNkantolo yeMantshi yaseVerulam, ngoLwesithathu, wabanjelwa uzakwabo.
Uzakwabo utshele imantshi uSanele Hlatshwayo ukuthi useyahoxa ecaleni uGounden ngoba sebeyinkukhu nempakha nalawa madoda okungo-Andile Nhleko, Mncedisi Mzobe, Lindani Ndlovu noMalusi Mthembu.
Imantshi ibe isibuza indoda ngayinye kulawa amane alahlwe ngamacala ukuthi kuyiqiniso yini lokhu ekuzwa ngezindlebe zayo?
Nebala avumele phezulu, athi uGounden uwaholele oPhathe manje asefuna ummeli wamahhala.
Bavele badangala abantu akade bezokweseka umndeni kaBobo abebesola ukuthi lena ngenye yezindlela zokubambezela ukuphothulwa kwecala.
Enkantolo bekukhona nebhungu uHlatshwayo okuthiwa ubufakazi buliveza njengomuntu owabamba iqhaza elikhulu ekuthunjweni nasebulaweni kukamufi ngesihluku.
Le ndoda yaba wufakazi woMbuso, bekulindeleke ibeke izizathu zokuthi kungani yona kungamele ishushiswe.
UBobo washaywa washona esolwa ngokweba utshwala endaweni yobumnandi eyangqongqiswa wumphakathi eMagagula Lounge, eHambanathi, oThongathi, ngo-2020.