NKOSIKHONA CELE
UPHUME ngesamagundane abazalwane besho ukumqeda uMfundisi Zakhele Mthethwa, webandla labasindisiwe iNew Begining, eliseXobho. Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi abazalwane beqaphele isiphandla esihlakaleni sakhe sangokwesokunxele, ngesikhathi eshumayela ngeSonto eledlule.
Ngokuthola kweSolezwe Ngempelasonto kusuke isidumo ngemva kokuthi kuqale kwaqaphela umzalwane oyedwa, osebuholini bebandla okunguyena okuthiwa uqhwebe omunye ethi makambukise "imihlola".
Umthombo okhonza ebandleni uthi kuthe eqhubeka nentshumayelo yakhe uMthethwa, saphinde savela isiphandla.
"Ngikutshela ukuthi abazalwane bamane baqonda kuyena bafika bamsusa epulpiti base bemphoqa ukuba aphakamise isandla, kwakhuphuka ihembe esandleni sakhe nebala sabonakala isiphandla,'' kuchaza umthombo.
Uqhuba uthi inkonzo iphazamisekile ngoba ubuholi obuphezulu bebandla bumdonsile baya naye ehhovisi ngenhloso yokuthi kubhungwe kabanzi ngesiphandla.
Umthombo uthi kuthe uMthethwa esehhovisi nobuholi bebandla waphuma ngesamagundane, eshiya umkakhe nemoto egcekeni.
"Abazalwane bese besho ukukhiphela ulaka lwabo kumkamfundisi bemsola ngokuthi uyayazi le mpilo embaxambili, ephilwa owakwakhe kodwa kwakhona abakhuzayo,'' usho kanjena.
Kuthintwa unobhala webandla uMfu Swelihle Xulu, uvumile ukuthi kube nesigameko esinjena ebandleni.
Ugcizelele ukuthi badumele kakhulu bengamalungu ebandla ukuthi kanti sonke lesi sikhathi baholwa ngumuntu owenza izinto ezimbili eyedwa.
"Kuyimanje ubuholi bebandla bunqume ukuthi amiswe ebandleni kuze kube sithola incazelo ephathekayo kuyena uMthethwa,'' echaza.
Isolezwe Ngempelasonto likhulume noMthethwa ovese walimisa ngesihloko elokuthi vele, ubesifakile isiphandla.
Uthe kuyamxaka ukuthi kungani abazalwane bevuka umbhejazane kangaka ngoba kade aqala ukufaka isiphandla kodwa ukuthi ubesifihla.
''Mina ekhaya sikhuliswe ngokuthi likhona idlozi kodwa futhi ukhona noNkulunkulu. Iphutha engilenzile ukushumayela kakhulu ngensindiso kubona ngangalikhuluma iqiniso lokuthi zombili lezi zinto ziyamsebenzela umuntu osadla anhlamvana,'' usho kanjena.
Uthe ngeke avume ukuxoshwa ngabantu ebandleni elasungulwa nguyena.
"Ngizoke ngime kancane ukuya enkonzweni kodwa uma sengibuya ngizobe sengingasadle nkobe zamuntu sengifuna ibandla lami,'' usho kanjena.
Ebuzwa ukuthi yini edale ukuthi acele empunzini ashiye umkakhe ngemuva, uphendule ngokuthi ubazi ukuthi bebe ngeke baze bamenze lutho umkakhe.