YAYIQHOSHA ngokuziphilisa ngokusoconga osopolitiki ‘’inkabi’’ engummangalelwa wokuqala ecaleni lokubulawa komlandeli omkhulu kaNkk Zandile Gumede, uMnuz Siduduzo Innocent Magwaza.
Lokhu kuvele eNkantolo eNkulu yaseThekwini, uMnuz Sphamandla Makhanya ongummangalelwa wokuqala evele kule nkantolo nommangalelwa wesibili, uMnuz Mxolisi Percy Hadebe.
Kuzokhumbuleka ukuthi kwashiya abantu abaningi beshaqekile ukusocongwa kukaMagwaza owashonela esibhedlela ezintathakusa ngemuva kokuba edutshulwe ngamadoda amabili angaziwa esemzini wakhe eCornubia, ngoJanuwari 12, 2021
Izolo, iJaji uSharmaine Balton, belikade lisaqhubeka nokufunda ubufakazi obehlukene obathulwa phambilini kuleli cala. Leli cala selisesigabeni sokukhishwa kwesinqumo. Kodwa isinqumo kasiphumanga izolo, njengoba belisaqhubeka ijaji lendlalela isinqumo.
Kuvele ukuthi kunofakazi abathathu ngaphambilini, abatshela inkantolo ukuthi ummangalelwa wokuqala wakusho kwagcwala umlomo kubona ukuthi isizathu esimbeka eCornubia, yingoba uzokwenza umsebenzi wokusoconga osopolitiki ngoba leyo yinto naye aziphilisa ngayo.
Ijaji libasho ngamagama ofakazi elithe yibona abavumelana ngokuthi ummangalelwa wokuqala washo into efanayo kubona.
"Kunofakazi abavumelanayo ukuthi ummangalelwa wokuqala wakhuluma kubona ngokuthi uze kule ndawo ngoba ezobulala osopolitiki,'' kugcizelela ijaji.
Lithe lobu ubufakazi elikholwa ukuthi buqotho, buqondile futhi abudinge kuphonselwa nselelo ngoba alikholwa ukuthi kungaba nesizathu esingaze siholele ekutheni bonke labo fakazi bamane bakhethe ukuthi basenge ezimithiyo ngommngalelwa wokuqala.
Liveze nokuthi kunofakazi okwathi esatshelwa ocingweni ngokudutshulwa kukamufi wezwa othile ngemuva kokuqhuma kwesibhamu ekhuluma ethi “sebewuphothulile umshikashika”.
Lo fakazi lithe ijaji wathi useyabona ukuthi wayekhuluma ngamuphi umshikashika.
Enkantolo kuhlaluke ukuthi ummangalelwa wokuqala wagonyuluka ngokuziphilisa ngokubulala osopolitiki kubantu abehlukene. Kuthiwa wakusho ngesikhathi behlangane khona eCornubia, ngo-30 Disemba 2020.
Amazwi afanayo kuthiwa waphinde wawasho futhi nangakusasa esewatshela abanye futhi asebephenduke ofakazi ecaleni.
Kuze kwavela nokuthi ummangalelwa wesibili kwathi uma eqaphela ukuthi ummangalelwa wokuqala akayeki ukudane "eshumayela leli vesi", wase ekhetha ukuthi aphumele naye emnyango wamkhuza emtshela ukuthi makayeke ukusho le nto ebantwini abehlukene.
Kuthiwa kwathi sebebuyela ngaphakathi endlini lapho okwakuhlangenwe khona kuphuzwa, ummangalelwa wokuqala wabuya eseyimvu yenkosi engasandile ngamagama.
Kuvele ukuthi ummangalelwa wokuqala kwakuthi uma esewuphothulile umsebenzi wokusoconga, bese imali ingena ebhange lentombi yakhe egagulwe ngegama enkantolo.
Ijaji libuye laveza nobufakazi elithe bethulwa ngowesilisa owabona okwakwenzeka ngosuku lwesigameko. Lithe lo kwakulula ukuba abone ngoba wayesondele ngebanga elingalinganiswa namagxathu angu-10 noma ngaphezudlwana.
Kuthiwe lo fakazi watshela inkantolo ukuthi wababoba abamangalelwa bobabili endaweni yesigameko ngalobu busuku.
"Lo fakazi wathi wasizwa isibhamu siqhuma, kwathi uma eya endlini kamufi wafike wambona edindilizile phezu kwegazi,'' lisho kanjena.
Libalule nokuthi umufi kwathi esedutshuliwe wacela ukuthi abantu bamcelele ummangalelwa wesibili ukuba amphuthumise esibhedlela engazi ukuthi naye umdibimunye nabenzi bokubi.
Kodwa futhi kuthiwa kukhona lapho umufi atshela khona othile ukuthi uzomtshela ukuthi ngobani abambulele kodwa lokho kwagcina kungenzekanga kwaze kwamenela esibhedlela.
Seliphetha ijaji libuhlabe labuhlikiza ubufakazi obuningi obethulwa ummangalelwa wokuqala, lathi wayehhubhuza ebheca abanye futhi ubufakazi bakhe bushayisana.
Abamangalelwa bobabili bebebonakala bethule begqolozele ijaji njengabantu ebebefuna ukulalela kahle konke ebelikusho.
Icala liyaqhubeka.