USUCABANGA ngokuhlukile umndeni wowesilisa waseZidulwini, eNquthu, okwatholakala ikhanda lakhe lilahliwe egcekeni ngoDisemba wangonyaka owedlule.
Kuzokhumbuleka phela ukuthi saba yindaba egudwini isigameko sokutholakala kwekhanda likamufi uMnuz Siyabonga Ndlovu egcekeni, umzimba wona usegumbini ayelele kulona.
Ilungu lomndeni elakhuluma neSolezwe phambilini laveza ukuthi basola ukuthi umufi ubulawe ngumfowabo abaveza ukuthi ugcwele amathafa.
"Ekhanda bekunenkebenkebe yengozi ekhomba khona ukuthi uqale walinyazwa kabuhlungu ekhanda ngaphambi kokuba kususwe ikhanda lakhe,'' lasho kanjena.
Laze laveza nokuthi basola ukuthi laba ababili umnyombo wengxabano yabo kube ukuthi umufi wayekade ekhuza umfowabo ngokuthi usegxile kakhulu ezidakamizwweni nasophuzweni oludakayo.
Leli lungu latshela Isolezwe ukuthi ngosuku lwesigameko umsolwa wayekade ehamba nqunu usuku lonke laze lashona ilanga.
Kodwa manje unina wabo bobabili umufi nomsolwa , uNkk Cabangile Ndlovu useshaya amakhala ngokuthi babulalana bodwa.
Uthi useqala ukusola ukuthi kukhona owahlasela amadodana wakhe wawabulala womabili.
Uthi akakholwa ukuthi kunomuntu onganyamalala isikhathi eside kangaka. Ucele ukuthi bafuniswe umsolwa noma ngabe kutholakala isidumbu sakhe kuyobe kwanele.
"Sengibone kahle umsolwa angikholwa ukuthi uyena owabulala umfowabo. Sengiqala ukubona ukuthi empeleni kukhona umuntu othile okunguyena owangena egcekeni wazobulala amadodana ami womabili,'' usho kanjena.
Uthe uyafisa ukuthi bagcine balivalile leli khasi lesigameko esabehlela kodwa uthi angeke kube lula ukuba bamane balivele indodana yakhe enye engenalo ulwazi ukuthi iyephi?
Uphinde wagcizelela ukuthi uyafisa ukuthola usizo njengoba kunguyena ekuseni owakhangwa yikhanda lendodana lisegcekeni.
"Angazi ukuthi ubani ongangisiza ngithole ukwalulekwa ngokwengqondo. Isithombe sekhanda lendodana lami lisegcekeni akuvumi ukuthi sisuke ekhanda. Angifuni ukuqamba amanga yaze yangihlukumeza nansi into,'' usho kanjena.
"Singajabula kakhulu uma kungase kutholakale lo omunye ngoba manje sesiqala nokucabanga ukuthi mhlawumbe naye akasekho emhlabeni kwazi bani,'' usho kanjena.
Phambilini amaphoyisa aKwaZulu-Natal awazange aphawule ngalesi sigameko.