INHLOKO yamaJaji kuleli iJaji Raymond Zondo, ithi i-ANC yehlulekile wukumela izimfundiso nezimiso zomholi wayo ongasekho, uMnuz Oliver Tambo ngokudedela abantu benze inkohlakalo isidana.
UZondo ubeyisikhulumi esiqavile ethula isifundo ngempilo kaTambo, e-University of Fort Hare egatsheni layo i-Alice, e-Eastern Cape.
UTambo odabuka esigodini eNkantolo, eBizana esifundazweni i-Eastern Cape, waba wumholi we-ANC onohlonze, owaphatha isikhathi eside iminyaka engu-24 engumengameli weqembu. UTambo waba ngumengameli kusukela ngo-1967 kuya ku-1991, washona eseGauteng ngoEphreli 1993 ngenxa yesifo sohlangothi.
UZondo kade ewusihlalo wekhomishini ebiphenya ngokugwamandwa kwamandla oMbuso, waphenya wase ebhala umbiko wakhe. Uthe ngesikhathi sekhomishini kuvele ukuthi i-ANC ibhimbile kakhulu.
“Inkohlakalo ivele obala ngesikhathi sekhomishini futhi namanje isaqhubeka. I-ANC yayenza konke okusemandleni ukuvikela owayengumengameli (uMnuz) uJacob Zuma, isebenzisa ubuningi bayo ePhalamende imvikela,’’ kusho uZondo.
Uthe okwenzekayo ezweni kuphambene kakhulu nokwakumelwe wuTambo futhi ukube usekhona ngabe akathule. UZondo ukhale ngomasipala athe baguqile ngaphansi kombuso we-ANC. Ukhale ngamabhizinisi kahulumeni, athe nawo akhasa phansi ngaphansi kombuso we-ANC.
“Imibiko yomcwaningimabhuku ihlala iveza ukuthi izinto kazihambi kahle komasipala kodwa akukho okwenziwayo ukushintsha leso simo. Izinkampani zikahulumeni zake zaba ngezihamba phambili amazwe omhlaba ebukela kuzona kodwa buka manje i-Eskom, Denel, South African Airways nezinye zikhondeme,’’ kusho uZondo.
Okhulumela i-ANC uNkk Mahlengi Bhengu-Motsiri, uthe bazibeke eqhulwini iziphakamiso zombiko kaZondo futhi benza konke okusemandleni ukuthi iPhalamende licijwe, likwazi ukulwa nenkohlakalo.
Uthe bayamhlonipha kakhulu uTambo futhi bayazama ukugcina izifiso zakhe.