I-Eskom kulindeleke ukuthi inyuse intengo kagesi ngo-12.7 % kusukela ngo-Ephreli.
Isikhungo esilawula ezamandla kuleli, iNational Energy Regulator of South Africa (Nersa) sigunyaze ukwenyuswa kwentengo kagesi ngo-12.74% onyakeni wezimali u2024/25 ngoJanuwari nyakenye.
INERSA igunyaze lokhu kwenyuka kukagesi nyakenye ngesikhathi igunyaza ukunyuka kwentengo kagesi ngonyaka odlule ngo-18, 65%, okungaphansi kakhulu kwalokho okwakucelwe i-Eskom okungu-32.02%.
I-Nersa igcizelele ukukhathazeka ngokuthembela kwe-Eskom emthamweni wokuphehlwa kukagesi obhekele izimo eziphuthumayo, kusetshenziswa izinjini zegesi ezivulekile okugcina kuholele ekutheni kube nogesi ongaphansi kwalowo odingekayo.
UMnuz Nhlanhla Gumede, uthe maningi amalahle abaswayo ukuze akhiqize ugesi kodwa umkhiqizo ophumayo muncane.
Kulinganiselwa ekutheni abasebenzisa ugesi ongu-600kWh bazokhokha uR168.24 owengeziwe njalo ngenyanga, abasebenzisa ugesi ongu- 900kWh bazokhokha imali ephakathi kuka-R398.52 kuya ku-R405.81 ngenyanga.