UPHETHROLI uzokwehla phakathi kwamabili ngoLwesibili nokuzokwehlisa umthwalo kubanikazi bezimoto.
Zombili izinhlobo zikaphethroli kulindeleke ukuthi zehle ngo-17c kuya ku- 25c ilitha, upharafini kulindeleke ukuthi wehle ngo-3c, udizili wona kulindeleke ukuthi unyuke ngo-20c.
Kuzobe kungokwesibili uphethroli wehla ezinyangeni ezimbili zilandelana kulo nyaka njengoba wehlile nangenyanga edlule.
I-AA Ithe intengo kawoyela emhlabeni kanye nezindleko zokuthuthwa kwawo kuholele ekutheni udizili wenyuke.
Ibiphawula ngombiko okhishwe iCentral Energy Fund ngoba uMnyango wezaMandla kuleli kulindeleke ukuthi umemezele izinguquko uma kuqala isonto.
“Ukwehla kukaphethroli kuzokwehlisa kancane ingcindezi abathengi ababhekene nayo njengoba amanani ezinto eziyizidingo elokhu enyuka kodwa ukwenyuka kukadizili kusho ukuthi abathengi bazokhokha imali ethe xaxa uma bethenga imikhiqizo okusetshenziswa udizili uma ikhiqizwa noma ithuthwa. Imikhiqizo engase yenyuke imikhiqizo yezolimo," kusho isitatimende esithunyelwe i-AA.