UZOKLONYELISWA ngetekisi entsha ceke, iToyota Quantum, umalume oshayela kahle futhi olandela imithetho yomgwaqo nsuku zaphuma uma ethutha abafundi.
Isimemezelo sizokwenziwa embuthanweni ozoba senkundleni iMoses Mabhida, eThekwini.
Bawu-195 omalume eThekwini izimoto zabo ezafakwa ama-tracker ngenhloso yokubheka ukuthi abayiphuli yini imithetho yomgwaqo ezinyangeni eziyisithupha behlolwa.
Bahlungwe kwaze kwasala abayisishiyagalombili. Abazokhala ngaphansi bazothola izipho eziyimithoba nhliziyo.
Bonke abashayeli, abebeyingxenye yalolu hlelo olwaqalwa ngo-2019 futhi abebevela ezindaweni eziseningizimu nasentshonalanga yeTheku, bacijwe nangekhono lokuhlinzeka ngosizo lokuqala (first aid).
Lolu hlelo luxhaswe wuMasipala iTheku, iToyota, Santaco, Netstar nabanye.
Umsunguli walo, uDkt Pieter Venter, uthe basophe ukuhlenga impilo yabafundi.
Uthe izikole kumele zibe nezwi ekutheni ngubani othutha abafundi.
Umphathi wehhovisi leSantaco KwaZulu-Natal, uMnuz Sfiso Shangase, uthe lubahlaba umxhwele lolu hlelo ngoba luzokwenza bonke omalume baqikelele emgwaqweni uma eshayela.
IPhini leMenenja kaMasipala iTheku, uMnuz Musa Mbhele, liqinise idolo ababhekele ezokuthutha kulo mkhandlu ukuthi bazoluxhasa ngemali lolu hlelo ngoba luhlenga imiphefumulo, lunqande izingozi ezidla uhulumeni itshe lemali.