ZIKHALILE endodeni egwetshwe udilikajele ngecala lokugwaza amanxeba amaningi ibulale owesifazane eyayisihlukene naye phambi kwabantu kuphuzwa utshwala KwaMbonambi, eMpangeni.
Uzobhadla ejele iminyaka eminingi uNhlanhla Zikhali (42) ogwetshwe yiNkantolo yesiFunda eNgwelezane ngokubulala uNksz Winile Zwane ngoFebhuwari, wangonyaka odlule.
Lo wesilisa watholwa yinkantolo njengomuntu ongasakulungele ukuphinde aphathe isibhamu empilweni yakhe.
Kukholakala ukuthi uZikhali wahlukana nomufi wase eyamxosha endlini ababekade behlala kuyona bobabili. Kuvela ukuthi umufi wabe esehamba eyohlala nomngani wakhe.
Kuthiwa ngoFebhuwari 27, 2023, uNksz Zwane wayezihambela ngesikhathi ebizwa wumakhelwane wesifazane walapho ayekade esehlala khona ukuthi bazophuza utshwala.
Okhulumela uphiko lwezokushushisa, iNational Prosecuting Authority (NPA) KwaZulu-Natal, uNkk Natasha Ramkisson-Kara, uthe uZikhali wayekade ekhona naye kulo muzi okwakuphuzwa khona.
“UZikhali wasukuma waqonda kuNksz Zwane wafike wamgwaza umzimba wonke. Wasabisa nangokugwaza ababekade besondela kuyena. Wagwaza uNksz Zwane waze washona maqede wabaleka,” kusho iNPA
Kuthiwa uZikali wakhalelwa amasongo kaSigonyela emuva kwezinyanga ezimbili kade ethungathwa amaphoyisa. Enkantolo, iNPA isebenzise ubufakazi babantu ababili ababekhona kubulawa umufi ne-albhamu yezithombe. Kuthiwa ofakazi bakwazi ukuhlonza uZikhali ngoba indawo ababekade bekuyona yayikade ikhanya.
UNkk Ramkisson-Kara uncome umsebenzi owenziwe ithimba labashushisi namaphoyisa, wathi bayakwamula ukuphothulwa ngale ndlela kwecala futhi baphokophelele ekuletheleni ubulungiswa abantu abangabagilwa bobugebengu.