UZOFIHLWA ngoMgqibelo eDenny Dalton, oLundi uNksz Thembeka Sikhosana okuthiwa walaxazwa ngabosizo lokuqala waze washona.
Lokhu kuvezwe uNksz Mbalenhle Sikhosana ongudadewabo kaThembeka ngesikhathi ubuholi beqembu le Democratic Alliance (DA), livakashele umndeni wakwa Sikhosana eMlaza Kwa-Y ngoLwesithathu.
UMbalenhle uveze ukuthi kusenzima emndenini njengoba wenza amalungiselelo alo mngcwabo. Echaza udadewabo uthe wayengumuntu omnene obakhathalele abanye abantu.
“Yize sekunesikhathi lo mshophi wasivelela kodwa namanje sisababaza isihluku abezimo eziphuthumayo abasenza kudadewethu, kusenzima ukwenza lamalungiselelo njengoba nesimo sasekhaya singesihle kahle.
“Sibuhlungu kakhulu njengomndeni ngoba lomuntu ubedlala indawo enkulu kithina, ukudlula ngale ndlela kusiphatha kabi,” kuchaza uMbalenhle.
Uveze nokuthi abomnyango wezempilo bebengakabuyeli kubona yize babebabikelile ngalo ludaba.
“Ungqonqoshe wezempilo wafuna inombolo yami ezinkundleni zokuxhumana ngamunika kodwa kuze kube namhlanje ubengakabuyeli kimina.
“Njengomndeni udaba salubika emnyangweni wezempilo wasethembisa ukuthatha izinyathelo, kodwa namanje abakabuyi kimina,” kusho uMbalenhle.