LIKHATHAZEKILE ihhovisi likaMcwaningi Mabhuku jikelele kuleli, ngesibalo esiphezulu samanzi angafinyeleli emphakathini waseThekwini, ngoba ephelela emhlabathini.
La manzi aphelela emhlabathini ngenxa yokuvuza kwamapayipi ngenxa yokungalungiswa kwengqalasizinda ngesikhathi.
UNksz Nomalungelo Mkhize, wehhovisi likaMcwaningi mabhuku KwaZulu-Natal, uveze ukuthi u-58% wamanzi athengwa nguMkhandlu weTheku ugcina ungafinyelelanga ezakhamuzini.
“Asisabuthi quthu ubuthongo ngale nkinga yamanzi ebhekene nezakhamuzi zaseThekwini. Amanzi agcina engafikanga emphakathini ngenxa yokuthi aphelela emhlabathini,” kusho uNksz Mkhize.
Ukusho lokhu izolo ethula umbiko ekomitini elibhekele ukusebenza kwezimali zomphakathi ePhalamende iScopa, ngocwaningo lwezimali olwenziwe kuMasipala weTheku onyakeni wezimali u-2022/2023.
Sekuyisinkwa semihla kwezinye izakhamuzi zakuleli dolobha ezibhekene nengwadla yokushodelwa ngamanzi nsuku zonke. Kulezi zindawo umasipala uthumela izimoto ezithwala amanzi ukuyophakela umphakathi osuke udinga amanzi.
Umasipala usuke wayiveza eyokuvuza kwamapayipi okwenza kulahleke amanzi aphelela emhlabathini. Kunemikhankaso ehlukene yokuzama ukunqanda ukuvuza kwamanzi.
UNksz Mkhize uveze nokuthi abanye abakweleta umasipala bayahluleka ukukhokha izikweletu zabo.
“Okuvelile ngukuthi umasipala washayeka kakhulu ngesikhathi kuhlasele izikhukhula, izikhawu ezehlukene. Ibingalungiswa ingqalasizinda okwenze kwaba nzima kakhulu uma sekugadla izikhukhula.”
Ubalule nokuthi bathole ukuthi incane imali ebekelwe ukulungisa ingqalasizinda okwenza kube nzima uma kuba nezinhlekelele ezenza kudingeke ingqalasizinda esezingeni.
Ubalule nokuthi amanye amakhansela enza imisebenzi nomkhandlu.
“Kuyasikhathaza singabacwaningi ukuthi umkhandlu ugcina uhluleka ukuthola umbiko ongenagcobho wezimali ngoba kunezinto esilokhu sikhala ngazo ezingalungiswa. Ezinye zazo zithinta indaba yokuthengwa kwempahla, akulandelwa imigomo efana nokuthi ufune ama-quotation amathathu uma ufuna ukuthenga izinto ezithile kanjalo neyamakhansela enza imisebenzi nomkhandlu.”
Ubalule ukuthi ngonyaka odlule wezimali inguR3.6 billion imali esebenze ngokungafanele eThekwini.
Kubuye kwavela nokuthi kunemali yokulungisa imigwaqo ngaphansi kohlelo lwamabhasi okunongqingetshe kulona, engasetshenziswa.
Usihlalo weScopa, uMnuz Songezo Zibi, ucele amalungu ukuthi abhale imibuzo ngombiko othulwe nguMcwaningi Mabhuku jikelele, ukuze ayiphendule ngokuthi abhale ngenxa yokuthi isikhathi bese sisincane.