UYOTHOLOZA ejele owaqashwa ezikhundleni ezehlukene eHhovisi likaNdunankulu KwaZulu-Natal, esebenzisa iziqu zomkokotelo.
UMlekeleli Masondo (45), ulahlwe amacala amahlanu okukhwabanisa ngoLwesine, yiNkantolo yesiFunda eMgungundlovu.
UMasondo wafaka isicelo somsebenzi esikhundleni sokuba yi-Project Manager ngo-2010.
Waqashwa kulesi sikhundla, kwathi ngo-2019, waphinde wafaka isicelo sokuba yiPhini likaMqondisi, okuyisikhundla aqashelwa kusona.
Okhulumela oKlebe, uLieutenant Colonel Simphiwe Mhlongo, uthe inkinga iqale ngo-2021, ngesikhathi uMnyango weziSebenzi zikaHulumeni, usuwenza ucwaningo ngeziqu zikaMasondo.
Uthe zayima emthumeni njengoba ahluleka ukuhambisa imiqingo yeziqu eyayidingeka.
“Kwabe sekutholakala ukuthi iziqu zakhe ziwumkokotelo, wabe esehamba uhlelo lokuqondiswa ubugwegwe. IHhovisi likaNdunankulu lakhwatshaniselwa u-R3.7 million,” kusho uMhlongo.
UMhlongo uveze ukuthi kwavulwa icala esiteshini samaphoyisa sakhona eMgungundlovu.
“Idokodo labe selidluliselwa ophikweni loKlebe bePietermaritzburg Serious Commercial Crime Investigation, zamkhalela uMasondo ngoFebhuwari, nyakenye. Wavela izikhawu eziningi enkantolo waze walahlwa amacala ngoMeyi 9, 2024.”
Uthe ugwetshwe iminyaka eyisithupha; ngamacala amabili okukhwabanisa, wagwetshwa iminyaka emibili ngamacala amabili okukokotela, eminye iminyaka emibili ngamacala amabili okuhambisa imiqingo engumgunyathi.
“Le minyaka uzoyidonsa kanye kanye”
Inhloko yoKlebe esifundazweni uMajor General Lesetja Senona, usamukele isigwebo esinikwe uMasondo, wahalalisela amalungu ophiko lwamaphoyisa ngomsebenzi omuhle awenzile.