U-WARRANT Officer Thabo Mosia uzophinde abuye azohlonywa ngeminye imibuzo ngabameli babamangalelwa kwelokubulawa kukaloyo owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa.
Lokhu kuvele izolo ngesikhathi u-Advocate Zandile Mshololo ongummeli kammangalelwa wesihlanu, uMnuz Sfisokuhle Ntuli, enza isicelo sokuthi abuyiswe lo fakazi.
UMshololo uthe ngeke balokhu bephikisana ngokuthi kubalulekile ukuthi abuyiswe lo fakazi ngoba ubufakazi abethule enkantolo buyashayisana nalobo obubhalwe ebhukwini eliqukethe imininingwane yomsebenzi awenza ngosuku lwesigameko ezindaweni ezihlukene alinike inkantolo kuleli sonto. UMshololo nabameli abamele abamangalwelwa emva kokucubungula leli bhuku, bafake isicelo sokuthi uMosia akabuye azoziphendulela.
“Ufakazi ubethulile ubufakazi bakhe kodwa uma sibuqhathanisa nalobo obubhalwe emqulwini awulethe izolo (esho ngoLwesithathu), ngenkulu inhlonipho, kusobala ukuthi ngidinga ukuphinde ngimhlome ngemibuzo,” kusho uMshololo.
Uqhube wathi inkantolo izokhumbula ukuthi uke wambuza ufakazi ukuthi yimaphi amacala awahambela ngosuku lwesigameko.
Kungenelele iJaji Ratha Mokgoatlheng wathi bawabonile nje kwi-register amacala awahambela uMosia.
UMshololo ebelokhu ehleli kwelokuthi umfuna ebuyile ebhokisini ofakazi uMosia. “Noma ngabe siwabonile, noma ngabe asiwabonanga kodwa ngisenalo ilungelo lokuthi ngiphinde ngimhlome ngemibuzo,”
UMokgoatlheng umngene olimini uMshololo emsola ngokuphakanyelwa umoya ukuzama ukugcizela ukubaluleka kokuthi abuyiswe ebhokisini lofakazi uMosia.
Ube esedlulela ku-Advocate Zithulele Nxumalo, wambuza ukuthi ngabe naye uyafuna yini ukuthi lo fakazi abuyiswe? UNxumalo naye uthe umdinga estikini uMosia ngoba kukhona izinto ezingahlangani kahle ebufakazi bakhe.
“Ukwenza isibonelo nje, uthe wahamba waya endaweni yesigameko lapho okwakubanjwa khona inkunzi esuka endaweni yesigameko saleli cala esikulo kule nkantolo kodwa uma usubuka ubufakazi obubhalwe emqulwini, kuvela ukuthi waya kuleso sigameko sokubanjwa kwenkunzi ngo-10.50 ebusuku,” kuchaza uNxumalo.
Uqhube wathi lokhu kusho ukuthi waya kuleso sigameko ngaphambi kokuba aye endaweni yesigameko okwadutshulwa kwabulawa kuso uMeyiwa.
“Ngenxa yalokhu, ngingathanda nje ukubuza inqwaba yemibuzo,” kusho uNxumalo.
U-Advocate Charles Mnisi uthe naye unomuzwa ofanayo nozakwabo azodinga ukuthi athole izimpendulo zawo kuMosia.
UMshushisi woMbuso u-Advocate George Baloyi uthe uzohlela ukuthi uMosia abuyiswe ebhokisini lofakazi ngesonto elizayo.
Kubuye kwabizwa uCaptain Bonginkosi Blessing Mtshali ofakaze ngokugcinwa kobufakazi endaweni egcina bonke ubufakazi obusuke buqoqwe ezigamekweni ezehlukene.
Liyaqhubeka leli cala namuhla.