KULINDELEKE ukuthi avele eNkantolo yeMantshi eBloemfontein, uNksz Moroadi Cholota owayengumsizi kaMnuz Ace Magashule ngesikhathi esangundunankulu wase-Free State.
UNksz Cholota ufike kuleli ngoLwesine emva kokuboshwa ngohlelo lokulanda abasuke bekwamanye amazwe ukuthi bezobhekana namacala abethweswe wona njengoba kuthiwa ubese United States lapho ebefunda khona.
Ngo-2022, uphiko lwezokuShushiswa koMphakathi, i- National Prosecuting Authority yafaka amaphepha kuleliya lizwe ukuthi kubuyiswe lo msolwa ngalolu hlelo emva kokuthi igama lakhe lathinteka enkohlakalweni ka-R255 million kulesiya sifundazwe efaka phakathi negama likaMagashule ogqigqa inkantolo ngecala elifanayo.
NgoJuni iNkantolo yesiFunda yaseMaryland kuleliya lizwe, iwamukele amaphepha alolu phiko, athi kunobufakazi obanele. UColonel Nkwalase okhulumela uphiko loKlebe, uthe bangu-18 abasolwa abesebethweswe amacala okubalwa kubo nezinkampani ezinkulu ezinhlanu.