KULINDELEKE ukuba avele phambi kweMantshi yaseLebowakgomo umsolwa obhekene namacala okubulala, ukutholakala nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.
Lo msolwa oneminyaka engu-33 uboshwe yithimba elihlanganisa izinhlaka ezahlukene zamaphoyisa ngemuva kwamahora ayisishiyagalombili kubulewe umuntu.
Icala lenzeke esifundazweni iLimpopo, kodwa umsolwa ubanjwe eBraamfontein eGoli.
Kubikwa ukuthi abasolwa abebehamba ngeVolkswagen Golf 7 GTI enombala o-bronze bavulele ngenhlamvu kowesilisa eLebowakgomo ngo-2 entathakusa eduzane kwasethaveni.
Kuthe uma efika amaphoyisa kule ndawo, athola owesilisa obesemotweni yakhe enamanxeba amaningi okudutshlwa emzimbeni.
“Le ndoda ihlonzwe ngabezimo eziphuthumayo njengomuntu oshonele endaweni yesehlakalo.”
Kuthiwa imoto yabasolwa ibinabantu abathathu phakathi iboniwe ibaleka endaweni yesigameko, yalandelwa.
Kusolwa ukuthi umshayeli wemoto nguyena umbulali uboshiwe. Amaphoyisa aqhubekele endlini yakhe umsolwa eRooihuiskraal eCenturion ePitoli. Ngesikhathi kuseshwa indlu, kutholakale isibhamu okukholakala ukuthi yisona ebesisetshenziswa.
“Amaphoyisa athole isibhamu, imoto iGTI Golf 7, imali eningi neselula,” kusho uLieutenant Colonel Matimba Maluleke okhulumela amaphoyisa aseLimpopo.