UFUNA kuthathwe izinyathelo uSihlalo wekomiti elibhekele ukusebenza kwemali yomphakathi ePhalamende iStanding Committee on Public Accounts (Scopa), uMnuz Songezo Zibi, obhalele iPhini likaMengameli wezwe uMnuz Paul Mashatile, ngokuhluleka ukuvela ngaphambi kwekomiti kwezikhulu zoMnyango weMfundo ePhakeme.
Ayaveva amalungu eScopa ngokungafiki kuleli komiti kwePhini likaNgqongqoshe eMnyangweni uMnuz Buti Manamela, onqume ukuthamela umcimbi obuseGoli.
UZibi ufuna uMashatile aqinisekise ukuthi emhlanganweni wangesonto elizayo, lezi zikhulu zibakhona njengoba begcine bewuhoxisile umhlangano wabo.
Uveze ukuthi uthole umyalezo kunobhala wekomiti ngoLwesibili ekuseni, obumazisa ukuthi uManamela noDkt Mimmy Gondwe, iphini likangqongqoshe kulo mnyango ngeke baphumelele emhlanganweni.
Emhlanganweni bekuzobhungwa ngophenyo lwe-SIU esikhwameni iNational Skills Fund (NSF) neNational Students Financial Aid Scheme (NSFAS).
“Siyakuqonda ukungabikhona kukaNgqongqoshe womnyango ngoba useChina. UManamela ubethamele omunye umcimbi kanti uDkt Gondwe ubuyelile kimina wangazisa ngokungafiki wathi okungenani akuhlelwe omunye umhlangano ngesonto elizayo. Akufikanga ngisho noMqondisi jikelele walo mnyango uDkt Nkosinathi Sishi emhlanganweni.”
Uthe ngokubhalela uMashatile bafuna aqinisekise ukuthi okungenani uma uNgqongqoshe engekho, iPhini lakhe libakhona.
“Sifuna kuthathwe izinyathelo ezinqala ngalesi senzo. Sikhala nangemali esetshenziswe abasebenzi bomnyango abahambele ize leze beza eKapa, le mali siyithatha njengemoshekile,” kusho uZibi.
I-EFF isigxekile isenzo sikaManamela noDkt Gondwe sokushaya indiva iScopa ngoba behambele imicimbi.
Ithe kuyadumaza ukuthi kulo mnyango kunamaphini amabili ongqongqoshe kodwa ahlulekile ukuvela phambi kwePhalamende.
I-DA ikhale ngemali echithiwe kugitshelwa amabhanoyi kuqashwa nezindawo zokuhlala eKapa kodwa izikhulu zangafika.
Ithe ziningi izinto ebezizoxoxwa kulo mhlangano obalulekile yathi ngokuzayo kumele nakanjani lezi zikhulu zifike emhlanganweni.