Ngokombiko wabeNPA, intombazane eneminyaka engu-14 ubudala eyayikhulelwe ngaleso sikhathi yayisuka kubo kwesoka layo ngo-Ephreli, 2021.
Le ntombazane yagibela itekisi elikhokhelwa ngebanga lishayelwa ngumuntu owazana nesoka lakhe futhi enethemba lokuthi uzomfikisa ekhaya ephephile.
“Endleleni kubikwa ukuthi lo mlisa wazenza umuntu ofuna ukuthela uphethroli emotweni kanti uya endaweni eyisikhotha lapho afika adlwengula khona le ntombazane. Ngemuva kokumdlwengula, wamnikeza amanzi ukuthi ahlambe ukuze kuzocisheka ubufakazi bolibofuzo,” kusho uNatasha Ramkisson-Kara, okhulumela iNPA KwaZulu-Natal.
Le ntombazane yabikela isoka layo ngesehlo, nokuyilona elahlaba umkhosi wabanjwa kanjalo umsolwa.
Umgilwa wahanjiswa esikhungweni esinakekela abagilwa abahlukunyeziwe iThuthuzela Care Centre, eMadadeni, lapho athola khona ukwelulekwa ngokwenqondo nokwesekwa. Ngeshwa sagcina siphuphumile isisu.
Enkantolo, umsolwa wawaphika amacala ethi le ntombazane yehla etekisini yagibela elinye kodwa umbuso ukwazile ukuveza ubufakazi obuqinile obuhlanganisa obukamgilwa, yisoka nodokotela okunguyena owalapha umgilwa ngemuva kwesehlo.
Lo mlisa oneminyaka engu-31 ubudala ugwetshwe udilikajele ngaleli cala.