UGWETSHWE iminyaka ewu-20 umshayeli weloli elabulala abantu abawu-20 ngesikhathi lishayisa lihudula iveni lababekade behamba ngalo oPhongolo, ngoSepthemba 2022.
IJaji uGarth Davis leNkantolo eNkulu yasoPhongolo, ligwebe uSibusiso Siyaya (28) ngoLwesine.
Ugwetshwe iminyaka emithathu ngecala lokushayela budedengu neyisithupha ngokuhluleka ukulandela imigomo elandelwa umshayeli osuke embandakanyeke engozini.
Icala lesithathu kuya kwelesi-22, okungawokubulala, uSiyaya ugwetshwe iminyaka engu-14 lilinye.
“Izigwebo ecaleni lokuqala nelesibili zizohambisana. Mayelana nezigwebo zamacala okubulala, inkantolo iwathatha njengenhloso eyodwa, ngakho kuzoba iminyaka engu-14. Lokhu kusho ukuthi ummangalelwa uzodonsa isigwebo seminyaka engu-20 ebhadla ejele,” kuchaza ijaji.
Libe selikhipha umyalelo wokuba kuhoxiswe izincwadi zokushayela zikaSiyaya.
Awukho umbandela onikezwe yijaji mayelana nokuthi uSiyaya uvumelekile yini ukuthi aphathe isibhamu empilweni yakhe.
USiyaya ulahlwe yinkantolo ngamacala okubulala ngoLwesibili. Phambilini, wanqatshelwa ibheyili njengoba kusukela kwenzeka isigameko ubekade egqunywe ezitokisini.
UMbuso bewukade umelwe wuqweqwe lukamshushisi, u-Advocate Krishen Shah. USiyaya ubekade emelwe ugalagala lommeli weLegal Aid enkantolo enkulu obuye abe yibamba lejaji, uMnuz Pregasen Marimuthu.
Leli cala liqale ukuqulwa ngo-Ephreli 15 nonyaka, laphothulwa ngasekuqaleni kwesonto eledlule lapho uShah benoMarimuthu benxenxe khona ijaji ukuba libavune.
Kuthangi, uShah ufundele inkantolo izitatimende ezifungelwe ebezivela kumalungu emindeni yabashona lapho bebechaza khona ngobunzima mayelana nesimo somqondo nomphefumuo ababhekene naso kusukela kwehla lo mshophi.
Umqulu oqukethe uhla lwamacala abekade ethweswe uSiyaya uveza ukuthi wayekade eqashwe nguMnuz Perry Masinga enkampanini iBaoBao Projects.
Wayekade esebenzela inkampani ethutha amalahle isuka esifundazweni iMpumalanga, ewayisa echwebeni laseRichards Bay.
NgoSepthemba 16, 2022, kuthiwa uSiyaya wasika izimoto ayekade ephambana nazo ngeloli, eziningi zazimvika.
Kuthiwa wayehamba ngesivinini kanti iloli lizogcina lishayisana mahlanze neveni eyayilayishe abafundi ababekade bebuya esikoleni. Kwashona abafundi abawu-18, uthisha nomshayeli weveni.