SELUQALILE ukusefa ulwandle kwabachithwe yisikhwama iNational Student Financial Aid Scheme (NSFAS).
Lokhu kwenzeka nje akukapheli sikhathi esingakanani kuvulwe ithuba lokuthi bafake izicelo abafuna ukuxhaswa.
Ithuba lezicelo livulwe ngenyanga edlule uSepthemba 20, kanti livalwa ngoDisemba 15, 2024.
Selokhu kuvulwe ithuba izicelo zingu-235 780 izicelo ezifakiwe kulesi sikhwama.
Isitatimende seNSFAS, siveze ukuthi kulezi zicelo zingu-202 044, esezigunyazwe okwesikhashana ukuthi sezixhasiwe.
Lezi zicelo ezalabo abathola isibonelelo sikahulumeni kwaSassa.
“Ezicelelweni ezifakiwe kuze kube yimanje, ezingu-60 021 zisacutshungulwa, ezingu-3 660 zihoxisiwe kuthi ezingu-1 862 zichithiwe. Sisekhona isikhathi sokuthi abafuna uxhaso bafake izicelo njengoba ithuba lizovalwa ngoDisemba,” kusho iNSFAS.
Ithe isifundazwe esinesibalo esikhulu sabafake izicelo yiKwaZulu-Natal.
“Zingu-109 026 izicelo ezifakwe yiKZN, kulandele iGauteng ngezingu-31 491 neLimpopo ngezingu-21 234. INorthern Cape iyona enesibalo esincane sabafake izicelo ngabangu-849.”
INSFAS ithe kuyimpoqo kuwona wonke umuntu ongasiholi isibonelelo seSassa, ukuthi asayine ifomu.
“Sinxusa nalabo abafunda uGrade 9 kuya kuGrade 12, ukuthi bafake izicelo bangaze balinde imiphumela yokuphela konyaka. Lokhu kuzobanika isikhathi sokuthi kubhekwe imininingwane yabo ukuthi ikahle yini.”
Abalesi sikhwama bathe kulula ukufaka isicelo njengoba uvula i-myNSFAS profile, bese ugcwalisa okudingekayo bese ufaka isicelo.
UNgqongqoshe weMfundo ePhakeme uDkt Nobuhle Nkabane, wathi balindele izicelo ezibalelwa ku-1.2 million, zabafuna ukuxhasw ngemali yokufunda ezikhungweni zemfundo ngonyaka ozayo.
Ukuze uxhaswe ngomfundaze kulesi sikhwama umndeni wakho kumele uhole kusuka kuR350 000 ngonyaka kuya phansi.
Abaxhaswayo bathola imali yokubhalisa, eyokufunda, eyezincwadi, imali yokuphila, eyokugibela noma eyendawo yokuhlala.
Kwabazobolekwa imali yokufunda kulesi sikhwama kumele abazali babo bahole kusuka kuR350 000 kufinyelele kuR600 000 ngonyaka.
Abafaka izicelo banxuswa ukuthi bafake imininingwane eqondile yabazali njengoba imininingwane abayilethile izoqinisekiswa yiminyango ehlukene kahulumeni okubalwa owezaseKhaya nezinhlaka ezifana nohlaka oluqoqa intela kuleli iSARS.