LIZOQALA ukuqulwa ngesonto elizayo icala lesishoshovu se-MK Party neFees Must Fall, uBonginkosi Khanyile obekwe uMbuso amacala ehlukene enzeka ngesikhathi somtapo wango-2021.
Lokhu kuvele enkantolo yaseThekwini. Ukushintsha kukaKhanyile ummeli omdala yikhona okube yisizathu sokuba kungabe kusaqala ukuqulwa kwaleli cala njengoba bekukade kulindelekile.
Akuphelanga nemizuzu eyishumi engenile enkantolo uKhanyile labe selihlehliswa njalo leli cala. Ungene ebhokisini ephethe isigubhu ebesinamanzi.
Imantshi elingatholakalanga igama layo ithe icala iyalihlehlisa ukuze ummeli omusha kaKhanyile athole isikhathi esanele sokufunda konke okumayelana necala ngaphambi kokuba liqale ukuqulwa. Ithe icala ilihlehlisela uMashi 13.
"Icala lihlehlela isonto elizayo. Lokhu inkantolo ikwenza ngoba izama ukunikeza ummeli kamsolwa isikhathi esanele sokuba abuyekeze konke mayelana naleli cala ukuze akwazi ukuthi aliqonde kangcono,'' kuchaza imantshi ngamafuphi.
Omele uMbuso uMshushisi Yuri Gangai usukumile watshela inkantolo ukuthi akanankinga uyavumelana nalokhu. Kwenzeka lokhu nje lo mshushisi uke wakhala ngokuthi uKhanyile unamaqhinga aba nawo njalo uma icala selifinyelele esigabeni sokuba selingaqala ukuthi liqulwe.
Ubuye wabhixa uKhanyile ngokuthi unomkhuba wokushintsha abameli njengamasokisi. UKhanyile ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngoLwesibili ngemuva kokuba ehluleke ukuvela kule nkantolo.
Inkantolo ibuye yamnikeza ilungelo lakhe lebheyili yamdedela ngemuva kokuba abameli bakaKhanyile abasha befike nencwadi kadokotela njengobufakazi obuphathekayo.
Ngaphambilini uKhanyile wakhala ngokuthi uyisisulu sokuthi ungumalandeli omkhulu kaloyo owabe engumengameli wezwe phambilini, uMnuz Jacob Zuma.
Walimisa ngesihloko elokuthi kubonakala sengathi kunomkhankaso ovutha phansi ohlelwa ngabathile ukuqeda ngalabo ababonakala belandela uMsholozi.
UKhanyile uveze ukuthi usesebenzise imali engu-R700 000 ezindlekweni zaleli cala. Uthe futhi uzimisele ngokuba umhlatshelo abhadle ejele uma kuzogcina kunjalo kunokuthi athule agoqe izandla kuxhashazwa abantu abamnyama.