UZOBA yiholidi elisemthethweni uDisemba 27 nonyaka.
Lokhu kuvezwe yiHhovisi likaMengameli Cyril Ramaphosa izolo.
URamaphosa uthe isizathu esenza ukuthi lolu suku lwenziwe iholidi elisemthethweni wukuthi iholidi likaKhisimusi (Disemba 25) lizobe lingesonto.
ENingizimu Afrika uma iholidi lingeSonto, kuye kwenziwe kube semthethweni ukuthi liwele eMsombulukweni.
Kulokhu ibiyindida indaba yakhona ngoba vele uDisemba 26 uyiholidi ngokwawo.
“Abantu baseNingizimu Afrika bazoluthokozela usuku lwangoLwesibili, uDisemba 27 njengeholidi. Lolu suku luzobe lukhokha usuku lukaKhisimusi oluzobe lungeSonto,” kusho uRamaphosa.
Uthe lolu shintsho olungajwayelekile ulugunyaze ngokwesigatshana 2A somthetho wamaholidi asemthethweni.
“Lesi sigatshana kulo mthetho sithi uma kwenzeka kuba khona iholidi elingeSonto, uMsombuluko kufanele wenziwe ube yiholidi. Kulokhu, uMsombuluko olandela uDisemba 25, nawo uyiholidi, lapho okusuke kugujwa khona usuku lokubuyisana,” kusho uRamaphosa.
“Ukube bekuyisimo esejwayelekile, iholidi likaDisemba 25 belizowela kuDisemba 26. Lokhu bekuzoholela ekutheni kuphazamiseke elangoDisemba 26 iholidi, noma kube namaholidi amabili ngosuku olulodwa, into ebizothikameza izinto eziningi, okukhona kuzo nabasebenzi ngoba iNingizimu Afrika kufanele ibe namholidi angu-12 akhokhelwayo ngonyaka,” kusho yena.
Uthe ngokokubuka lezi zizathu uma bebuyekeza ikhalenda lango-2022, bekufanele bayicabangele imithetho emayelana nabasebenzi, benze uDisemba 27 iholidi.