UTHISHA uvulelwe icala lokusakaza ngempama umfundi okuthiwa wayebanga umsindo ekilasini.
Uyaveva intukuthelo umzali walo mfundi wesikole iTyburn Primary, eChatsworth ngalo thisha amsola ngokuthi ushaye ingane yakhe ngempama ngoMsombuluko.
Umzali ongeke adalulwe ukuvikela umfundi othintekayo, ufuna ubulungiswa ngesenzo sikathisha wesilisa ofundisa kulesi sikole.
Umzali uthe uthisha uhilizisane nengane yakhe yomfana eneminyaka engu-13 efunda uGrade 7 kulesi sikole.
Uma elandisa uthe uthisha nomfundi bebebanga indaba yomsindo ekilasini.
Nakuba kunjalo umzali uthe ubengakulindele ukuthi uthisha usengaze ashaye ingane yakhe ngolabhabha.
Uthe lesi senzo sikathisha siyamnenga futhi uzimisele ukwenza konke okusemandleni ukuthola ubulungiswa.
"Angifuni ukuqamba amanga siyangicasula isenzo sikathisha. Sikhombisa unya oluyisimanga. Futhi ngiyobe ngiyisiwula uma ngingase ngithule ngingasho lutho ngalolu daba," ekhuluma ethuthumela.
Uthe okumnenga kakhulu ukuthi kuthiwa nabanye othisha bangenelile kwashaywa umntanakhe.
"Kusho ukuthi umntanami uyinto yokudlala? Noma ngubani ofuna ukumshaya uzokwenza njalo? Ngeke bakubone lokho, bayokwenza ngifile kweyami ingane," kuchaza yena.
Uveze ukuthi kuyimanje isimo somntanakhe asisihle uthule nje akakhulumi nokukhuluma.
Udalule nokuthi isikole sithathe isinqumo sokumisa umfundi esikoleni ngoba uphambane nomyalelo wokuthi akuphikiswana nothisha.
“Okubuhlungu ukuthi abachazi nokuthi umntanami uzobuyela nini esikoleni,” kusho umzali.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Muzi Mahlambi uthe bazoluphenya lolu daba ezingeni lesifunda.
Uthe abakukhuthazi ukushaywa kwabafundi ikakhulukazi uma bezoshaywa ngempama.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda ukuqinisekisile ukuvulwa kwecala lokushaya emaphoyiseni.
“Kusolakala ukuthi uthisha ushaye umfundi. Isigameko senzeke phakathi emagcekeni esikole,’’ usho kanjena.