IMEYA yoMasipala waseJozini, uMnuz Mfananaye Mathe, iziphendulele kwabagxeka ukuvulwa komgwaqo olubhuqu okuthiwa udle izigidi endaweni yaseSidakeni kuWard 1.
Esithangamini sabezindaba uMathe abesibize ngoMsombuluko ezindlini zomkhandlu waseJozini, uchithe imibiko yokuthi lo mgwaqo udle imali elinganiselwa kuR10 million, wathi kusetshenziswe uR4,7 million. UMathe uthe indawo yaseSidakeni indawo eceze kakhulu. Uyifanise nebingenamgwaqo njengoba ethe bekugcwele izinguzunga zamatshe, kungangeni ngisho imoto.
“Abantu balwa neribhoni kahle kahle, kusho ukuthi bekungamele ngiphumele obala ngokuvulwa kwalo mgwaqo. Ngicela ukuchazela abantu ukuthi njengemeya yaseJozini, imigwaqo engikwazi ukuyivula ile migwaqo ebizwa ngama-access road, okuyimigwaqo emifishane, ekwazi ukusiza emphakathini. Ukwakhiwa kwemigwaqo enetiyela kulele kumasipala wesifunda noMnyango wezokuThutha esifundazweni, hhayi kumina.
“Indawo yaseSidakeni ibingenawo umgwaqo, abantu balapha bekunzima nokuthi baye emtholampilo, esibhedlela nasedolobheni. Bekubalulekile ukuthi sibakhele umgwaqo ozobasiza okwesikhashana. Okunye futhi, abantu abangakuqondi ukuthi hhayi yonke imigwaqo kumele ibe itiyela ekubeni imigwaqo eyakhelene nayo ingenalo, lokho akuwenzi umqondo,” kusho uMathe ethuthumela.
Ikhansela kule ndawo, uMnuz Nkosinathi Myeni, likufakazele okushiwo nguMathe, lathi selokhu laqala ukuphatha kule ndawo ngo-2011, bekuqala ukuthi ulungiswe.
“Thina sibonga kakhulu kuMeya uMathe ngokusukumela phezulu udaba lomgwaqo ngoba besesihlupheke iminyaka, izingane zingakwazi nokuya esikoleni. Thina besifana nabantu abangenamgwaqo. Okufakazela lokho ukuthi baningi abantu bethutha endaweni beya ezindaweni ezinemigwaqo engconywana.
“Okhulumayo akaqhubeke akhulume kodwa umphakathi ujabule ngoba impilo yawo isizoba lula ngendlela eyisimanga. Umuntu ohlala eSidakeni uyalwazi usizi lwaloya mgwaqo ngakho-ke asilindele umuntu wokuhamba ukuba aqonde usizi lwethu,” kusho uMyeni.
Eqhuba, uMathe uthe usazoqhubeka nokwakha imigwaqo efuze lena njengoba ethe usazokwakha omunye kuWard 7.