KUQHUME isililo intandokazi yomsakazi wohlelo lukamaskandi, iSigiya Ngengoma kuKhozi FM, uZimiphi “ Zimdollar” Biyela ibanjwa inkunzi, iphucwa izimpahla zayo iphuma emsakazweni izolo emini.
Isigameko sokubanjwa inkunzi kwalo msakazi, kuthiwa senzeke eqeda ukusakaza eseyongena emotweni.
Umthombo opotshozele Isolezwe ngeSonto, uthe lo msakazi uhlwithwe yisigebengu isikhwama, maqede sadla phansi.
Ozibonele uthe umsakazi ukhale waze wabhuquza ngenxa yokuthi isikhwama besinezinto zakhe ezibalulekile.
UTshatha Ngobe, ongumsakazi woKhozi uze wakhuluma ngalo lolu daba ohlelweni lwakhe emini izolo. Ubekhuluma noThozama Ngwenya ongumdidiyeli weTop 20, ngokudunwa kwakhe imoto ngaseBerea Centre eThekwini.
Uthe: “Thozama besisababaza indaba yakho ukuthi ubudunwe imoto ngaseBerea. Nakhu sesizwa kuthiwa noZimdollar usebanjwe inkunzi lapha ngaphandle. Okusho ukuthi umuntu sekumele aphathe isibhamu emsebenzini manje. Bazokuthola abakufunayo ngoba sebesifaka umunwe esweni manje,” kusho uTshatha.
UThozama abekhuluma naye wubedunwe imoto kodwa ngenhlanhla imoto yakhe wabuye wayithola.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe kawukho umbiko abawutholile ngokubanjwa inkunzi kwalo msakazi.