LIHLEHISELWE unyaka ozayo icala lempunyela esolwa ngokukhwabanisa.
I-Accountant eyayiyilungu lebhodi le-South African Airways (SAA), uYakhe Kwinana, ivele ngaphambi kweNkantolo elalela amaCala aKhethekile ngezinsolo zokuqola i-SAA.
Amacala asukela ekuhlulekeni kwakhe ukudalula ubudlelwano bezinkontileka zesikhathi esidlule nezinkampani ezimbili, i-PricewaterhouseCoopers (PwC) neNkonki Incorporated ezathola ithenda ebiza u-R59 million njengabacwaningi mabhuku abahlangene.
I-Auditor-General South Africa (AGSA) okuyiyona ejutshwe ngokoMthethosisekelo ukuba icwaninge amabhuku ezinkampani zikahulumeni yanquma ukungawacwaningi awe-SAA ngonyaka wezimali ka-2011-2012. NgoSepthemba 15, 2011, i-SAA yabikela i-AGSA ngokuqokwa kwe-PwC ne-Nkonki Incorporated ukwenza lo msebenzi. I-AGSA yasamukela lesi saziso ngombhalo owathunyelwa nakusihlalo weziphathimandla zezimali e-SAA ngayo leyo nyanga
Ngokwesigaba 50(3) se-Compliance and Reporting Framework (PFMA), ilungu lebhodi linesibopho sokubika noma lidalule ubudlelwano elinabo nomsebenzi noma wangasese nanoma iyiphi inkampani efuna umsebenzi noma ithenda futhi lihoxe ekubeni yingxenye yabazothatha izinqumo mayelana nale nqubo.
Umbuso uthi uKwinana, esikhundleni sakhe njengosihlalo wekomiti lokucwaninga amabhuku e-SAA kanye nelungu lebhodi, wehluleka ukuthobela ngokugcwele umsebenzi ayewuthweswe yimigomo yeSigaba 50 se-PFMA. Kusolwa ukuthi wehlulekile ukudalula iPwC, uNkonki noma ibhodi labaqondisi beSAA noma ikomiti labacwaningi mabhuku lakwaSAA. uk
Ukwehluleka kwakhe ukuphumela obala kuphazamise abanye osomabhizinisi abanelungelo lokubamba iqhaza kwinqubo yokuncintisana ngamathenda okuhambisana ngokugcwele nezimiso zoMthethosisekelo.
Ngemuva kokulalelwa kwesicelo sakhe sebheyili, inkantolo inqume ukumnika ibheyili ka-R20 000. Icala lizobuyela enkantolo ngomhlaka-29 Januwari 2025 ukuze uMbuso udalule okuqukethwe yidokodo.