BABEKWE uxhaxha lwamacala enkohlakalo abaholi nezikhulu zikaMasipala waKwaNongoma ababoshwe ngoLwesihlanu.
Okhulumela inhlangano yezokushushisa KwaZulu-Natal, i-National Prosecuting Authority, uNkk Natasha Ramkisson-Kara, uveze ukuthi abaholi nezikhulu ezivele eNkantolo yeMantshi KwaNongoma, babhekene namacala awu-57 okukhwabanisa.
Kwababoshiwe kukhona iMeya, uMnuz Mshangane Ndabandaba, iPhini leMeya, uMnuz Sabelo Nkosi noSomlomo, uNkk Babongile Sithole.
UNkk Ramkisson-Kara uthe icala labo liyamaniswa nethenda ka-R800 000.
Baboshwe nesikhulu sophiko lwezezimali, uMnuz Njabulo Nzuza, isikhulu sophiko olukhipha amathenda, uMnuz Khulekani Manqele nosomabhizinisi, uMnuz Vukani Gumede.
Icala labo lihlehliselwe uLwesihlanu lapho khona bezofaka isicelo sebheyili.
Laba baholi abaqhamuka emaqenjini e-NFP, EFF ne-ANC, baboshwa ngoLwesihlanu besemhlanganweni wesigungu esiphezulu.
Amalungu e-NFP nawe-ANC abegcwele enkantolo ezokweseka uNdabandaba naboshwe nabo.
IPhini likaMengameli we-NFP, uMnuz Milton Sokhela, lithe bazomeseka uNdabandaba kodwa lathi bafuna ukuboshwa kwakhe kungaphazamisi izinhlelo zomkhandlu.
“Sizimisele ukumeseka kuze kube kuyaqinisekiswa ukuthi lokhu ayamaniswa nakho kunjalo ngempela yini. Uzokuba msulwa kuze kube inkantolo iyaphimisela ukuthi kukhona ichashaza athinteka kulona. Siyayihlonipha ingalo yomthetho, sizoziphatha kahle.”
USokhela uthe uma kwenzeka uNdabandaba engayinikezwa ibheyili, bazohlangana babone ukuthi bathatha siphi isinqumo.
“Sizobuka ukuthi ngesikhathi simeseka, singenza kanjani ukuthi kungaphazamiseki ukusebenza komkhandlu. Sizobhekelela ukuthi abantu baKwaNongoma bengalimali, sifuna ukuthi ukuhanjiswa kwezidingo nokuzinza komasipala kuqhubeke, kube seqhulwini.”
Usihlalo we-ANC esifundeni iMzala Nxumalo, uMnuz Sibusiso Mhlongo, uthe bazoqhubeka nokweseka abaholi ababoshiwe nemindeni yabo.
“Silandela umgomo othi wonke umuntu umsulwa kuze kuba inkantolo imthola enecala.”
UMhlongo uthe bafuna ukuthi kungaphazamiseki ukusebenza komkhandlu.
UMasipala waKwaNongoma ukhungethwe izinkinga njengoba inkantolo isanda kuchitha ukuqokwa kwezikhulu eziphezulu zakulo mkhandlu.
INkantolo eNkulu eMgungundlovu ichithe ukuqokwa kwimenenja kamasipala ebambile, uMntwana uNhlakanipho Zulu nokuqokwa kwesikhulu sezezimali esibambile, uMnuz Brian Dube.
UMphathiswa woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMfu Thulasizwe Buthelezi, uzokuba nomhlangano namakhansela akulo mkhandlu namhlanje, lapho kuzobhungwa khona ngalezi zinkinga.