KWENZEKE obekulindelekile kwingqungquthela yokukhetha ubuholi obusha be-ANC Veterans League, ebanjelwe eBirchwood Hotel, eBoksburg, eGoli. Ukunqoba kukaSnuki Zikalala kugcwalisele obekushiwo abantu abaningi, ukuthi noma ikanjani uZikalala uzobuyela esikhundleni ngoba uhambisana noMengameli Cyril Ramaphosa.
Lena besekuyi ngqungquthela yokugcina yokukhetha ubuholi kumaphiko e-ANC.
Kuzokhumbuleka ukuthi i-ANC beseyikubeke kwacaca ukuthi wonke amaphiko ayo kuzomele akhethe, kanjalo nezifundazwe ebezingakabukhethi ubuholi bazo kumele zenze njalo. Lana kwakukhulunywa ngezifundazwe ezifana noFree State noWestern Cape.
Ukuwina kukaSnuki kusho ukuqina kokwesekwa kukaRamaphosa kwi-ANC njengoba izifundazwe eziningi zeseka yena, iningi lamalungu esigungu esiphezulu (NEC) salenhlangano seseka yena, i-ANCYL, ANCWL kanjalo ne-ANCVL konke kweseka yena.
Kuke kwavela ukuthi noMnuz Tony Yengeni uzowungenela lombango kodwa lokhu kugcine kungenzakalanga njengoba kuphinde kwavela ukuthi ubengaqokiwe. UYengeni kuthiwa ubezoba isimenywa nje kulengqungquthela nakhona uma kuvulwa noma sekuvalwa, kodwa manje kubukeka sengathi uzoba khona kusasa uma sekuvalwa njengoba kubuye kwathiwa ababengamalungu eNational Executive Council bazovumeleka kusasa.
Njengamanje kusaqhubeka ukukhetha, uMnuz Mavuso Msimang uzoba yiphini likaZikalala. UNkk Susan Shabangu angase akhethwe kwesikaNobhala Jikelele.
Uma konke kuhambe kahle uCyril Ramaphosa uyena ozovala lengqungquthela eyavalwa nguNobhala Jikelele uMnuz Fikile Mbalula.